KUME nse ukuhamba kwezimoto eMhlanga osomatekisi bekhala ngamaphoyisa abopha amatekisi uma epake emgwaqweni ngenxa yenkinga yerenki.
Osomatekisi bathi abasenayo irenki yokupaka amatekisi abo, emuva kokuthi kwakhiwe inxanxathela yezitolo yodumo ebizwa nge-Oceans Mall.
UMnuz Themba Kubheka okhulumela usoseshini wamatekisi iGreater North, uthe ngeke kuhambe lutho kuze kube amaphoyisa abavulela indawo yabo abapaka kuyo eseduze kwenxanxathela yezitolo.
Uthe namhlanje ekuseni baphoqelekile ukuthi bapake emgwaqweni emuva kokuthi befike indawo abapaka kuyona ivalwe ngamaphoyisa.
Ubalule ukuthi njengoba indawo yokupaka ivaliwe, amaphoyisa awabavumeli ukuthi bapake emgwaqweni, ngakho abanayo enye indlela yokuxazulula lesi simo ngaphandle kokunkanisa emgwaqweni.
Ngesikhathi Isolezwe Online limthinta, uthe kugcwele amaphoyisa kaMasipala weTheku nakahulumeni azozama ukulawula isimo kodwa abasabi ngoba bafuna irenki yokupaka amatekisi ahambisa izinkumbi zabasebenzi eMhlanga namaphethelo.
Ucele ukuthi Isolezwe limthinte emuva kwehora njengoba bekuxokozela.
UCol Boysie Zungu okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, ucele Isolezwe Online ukuba libuye limshayele ngoba ubesaya emhlanganweni wokudingida lolu daba.