AMALUNGU omphakathi waku-ward 29 endaweni yaseMachibini, ngaphansi kukaMasipala waseJozini, kuthiwa avuke indlobane avala umgwaqo ophakathi kwedolobha iJozini noMkhuze ekhala ngamanzi okuthiwa asephila ngokuwathenga njengoba engabonwa.
Lo mphakathi uthi sekuphele iminyaka uthenjiswa ukufakelwa amanzi, kufika nezikhulu zikahulumeni ezehlukene, kodwa kujike kucwebe ekubeni wakhele idamu elikhulu iJozini.
Elinye ilungu lomphakathi ebeliyingxenye yalokhu kuphazanyiswa kokuhamba kwezimoto elikhulume neSolezwe, lithe kwevile eminyakeni emihlanu manje belokhu bethenjiswa ukuthi amanzi bazofakelwa wona.
“Okubuhlungu ukuthi indawo yakithi ingaphezudlwana nje kwekhilomitha ukuya edanyini elikhulu esilakhele kangangoba imfuyo iphuza khona. Kube ngangamakhilomitha amahlanu noma ngaphansi ukuya kwisihlanzimanzi sakhona lapha eJozini. Kuyaxaka ukuthi yikuphi okubambile ekutheni sihlinzekwe ngamanzi? Sekuphoqa ukuthi sikhokhe uR800 wethangi ukuthenga amanzi ngoba phela siyawadinga,” usho kanje.
Uthe iloli amanzi sekuphele izinyanga lingabonwa endaweni.
Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa, likhale ngokungabonwa kwekhansela lendawo ekungeneleleni ukuzama isixazululo ngokuphakelwa ngamanzi umphakathi.
“Ngesikhathi sivota, wayesethembise ukuthi uzoyisukumela inkinga yamanzi. Ikhansela selokhu sagcina ukulibona ngesikhathi silivotela, asiphindange sezwa lutho ngalo,” usho kanje.
Ikhansela lendawo, uNksz Ncamisile Zulu, likuphikile ukuthi lalikhankasa ngamanzi nokungabonakali kwalo emphakathini.
“Lokhu yipolitiki yabathile nje ukuzama ukungcolisa amagama abanye. Amanzi awuhlelo lukaMasipala Umkhanyakude, kodwa nathi asisongile izandla. Likhona iloli elalinikezwe umasipala ngesikhathi kugasela i- Covid-19, elingenelelayo uma kunezimo eziphuthumayo.
“Kuyiqiniso ukuthi ngenxa yomnqakiswano okhona phakakathi kwe-ANC ne-IFP kuMasipala Umkhanyakude, kube nomthelela ongemuhle ekuhlinzekweni komphakathi ngamanzi. Kodwa sizamile ukungenelela ngixhumana nemeya kuMasipala waseJozini nezinye iziphathimandla, ukugudluza amatshe nokuthi kuxoxwe, iloli lamanzi leli esinalo likwazi ukuphakela umphakathi,” usho kanje.
UNksz Zulu uveze ukuthi yize abantu bebemile ekutheni abasawafuni amanzi amaloli nokuthi abawasusi amatshe abebevale ngawo umgwaqo, kodwa ngokungenelela kwamaphoyisa isimo sikwazile ukubuyela kwesejwayelekile.
Kube sekuphunywa nesinqumo sokuthi imeya kulo masipala nalo ikhansela bazohlanganisa amakhanda khona namhlanje, ukuzama ukuthola isixazululo njengoba kusalindwe uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kwendle kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, owathembisa ukuthi uzovakashela uMasipala waseMkhanyakude, ngodaba lwamanzi.