KUME nse ukufunda esikoleni Incinjane Secondary, ePieters, eMnambithi. Lokhu kwenzeke ngemva kokuthi abazali nabafundi bebhikishili besola uthisha ofundisa izibalo ngokuthi udakwa kuze kuphazamiseke umsebenzi.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ukuthi bekunganyakazi lutho esikoleni abazali nabafundi bethi isibami emphinjeni indaba kathisha futhi akathathelwa izinyathelo. Kuthiwa okubi kakhulu wukuthi ufundisa izibalo kumatric nokuyinto ebucayi kanti ubuye afundise neNatural Science.
Kuthiwa uthisha uyabudlonya utshwala akabudlalisi futhi kwesinye isikhathi uze ahambe efunwa nguthishanhloko emashibhini uma engasafiki esikoleni.
USihlalo wesigungu esephethe isikole uMnuz Sibongiseni Madlala, uthe impela babhekene nengwadla futhi bafuna isukunyelwe ngokushesha.
“ Uma kuholiwe nje kuyaziwa ukuthi akabe eseza emsebenzini isonto lonke, kuthiwa uhamba ephuza nasemajoyintini endawo. Uma kufanele kuphume imiphumela yezingane, ayiphumi ngoba izifundo zakhe azimakiwe ngakho amamaki awekho,’’ kuchaza uMadlala.
UMadlala uthe abantu bendawo baze bamncishe utshwala bethi akahambe aye emsebenzini kodwa abufune ezingojeni aze abuthole bese ehlala khona lize lishone.
Uthe kuyabakhathaza lokhu ngoba sekuze kwehlisa izinga lokuphasa isikole besiphasa ngo95% sehlile safika ko63% kanti izibalo zizodwa nje imiphumela yazo iwu-33%. Uthe uphenyo lukhomba ukuthi uselove izinsuku ezingu-222 selokhu afika ngo-2018 kulesi sikole.
Kuthiwa akukho okungazanywanga ngoba uke watholelwa usizo wayiswa esikhungweni sabasiza abaxakwe yinkinga yezidakamizwa. Kuthiwa waya kabili washiya phansi, bezwa kuthiwa ubuyele emashibhini aphuza kuwona.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz uMuzi Mahlambi uthe wudaba olukhathaza kakhulu olufuna ukusukunyelwa ngokushesha nangokukucophelela lolu.
“Ihhovisi lesifunda luzolusebenza udaba sizame ukuthi simsize lo msebenzi wethu. Siwumnyango onakekekelayo yingakho sizoqala ngokumfunela usizo. Uma kuya ngokuthi izinkinga ziyadlondlobala siyobe sesidlulela ekuqondiseni ubugwegwe,’’ kusho uMahlambi.
Leli phephandaba lithole ukuthi ngesikhathi kunombhikisho izikhulu zomnyango esifundeni zifikile zathembisa ukuthi kuzolethwa abanye othisha ababili. Kuvele ukuthi lo thisha onenkinga usethunyelwe ukuyothola usizo.
Imizamo yokumthola uthisha ayiphumelelanga izinombolo zakhe bezingasebenzi. Kuthiwa uyawalahla amaselula uhlala engatholakali ocingweni.