KUSINDA kwehlela kubadayisi basezitaladini abathengisa amasemishi aneqanda ngenxa yamanani aphezulu adalwe ukubheduka komkhuhlane wezinkukhu, i-avian flu.
Abadayisa isidlo sasekuseni ematafuleni enkabeni yedolobha iTheku bathi sebeqhatheke namakhasimende ngenxa yokuthi kumele benyuse imali yamasemishi njalo. Ngezinye izinsuku abawadayisi amasemishi aneqanda ngoba basuke bengawatholanga ezitolo.
UNksz Zinhle Ndaba onetafula elidayisa amasemishi erenki yamabhasi namatekisi ku-Soldiers Way, uthe akasayitholi inzuzo ngokudayisa kwakhe kodwa usesaba ukwenyusa imali adayisa ngayo ngoba udayisela abantu ababodwa okumele aqale abonisane nabo uma ezokwenyusa imali.
"Ithileyi lamaqanda angu-30 bengilithenga ngo-(R)65 manje ngilithenga ngo-R80 kuya ku-R100, kuye ngokuthi isitolo engiwathole kuso abeyimalini, Angu-60 asebiza R175 kuya phezulu,“ kusho uNksz Ndaba
UNksz Nompilo Hlongwa odayisa erenki yamatekisi ku-Dr AB Xuma (Commercial) Street, uthe yena iqanda elithosiwe uselidayisa u-R5 lihamba lodwa ukuze athole inzuzo.
"Izingcezu ezimbili zesinkwa ezineqanda sengizidayisa u-R13 ngaphambi kokuthi anyuke amaqanda bengizidayisa ngo-R10. Izingcezu ezine ezinoshizi neqanda sengizidayisa u-R28. Enye inkinga ukuthi njengoba amaqanda eshoda sekumele ngilale ngiwathengile ngoba kuyenzeka ngingene izitolo ezine ngingawatholi," kusho yena.
UMnuz Lihle Mzimela, weLihle's Take Away ese-Workshop, uthe iqanda uselithenga ngo-R2.90c lilinye bese efaka u38% okwenza ukuthi iqanda alibizise imali engaphezulu kuka-R4.
"Inkinga engibhekene nayo manje eyokuthi amakhasimende ami ngizowenzenjani njengoba amaqanda eqhubeka enyuka. NgoMsombuluko bengingawadayisi amaqanda ngoba angiwatholanga lapho ngiwa-oda khona," kubalisa uMzimela
I-South African Local Government Association in KwaZulu-Natal (SALGA), iphakamise ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali kuleli akamise intela yentengo (VAT) emikhiqizweni yenkukhu kulesi sikhathi kusanenkinga yomkhuhlane wezinkukhu.
USihlalo weSalga KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe ukumiswa kwentela yentengo kule mikhiqizo kuzokwehlisa ingcindezi ebhekene namakhasimende.
"Lesi siphakamiso sisazosethula emkhandlwini wezifundazwe iNational Council of Provinces (NCOP). Sike sakwenza lokhu phambilini sicela ukuthi ingafakwa intela yentengo ngamaqakelo kwaphumelela," kusho uNtuli.
Omunye wabasebenzi abasebenza e-Eggbert, uthe bona behliselwe amahora okusebenza ngoba amaqanda ayashoda.
UMnuz Mayoyo Mngomezulu we-Food and Allied Workers Union (FAWU), uthe okwamanje bebengakayitholi imibiko yokuthi kunabasebenzi asebencishiselwe amahora okusebenza kodwa kungenzeka ukuthi kukhona abaqashi asebeqalile ukukwenza lokho.
“Abaqashi uma kunesimo esinjengalesi bathola ithuba lokuthi badilize noma banciphise amahora asetshenzwa ngabasebenzi. UMnyango wezoLimo kumele kube khona okwenzayo ukuze uvikele abasebenzi. Njengoba kunalesi simo amazwe aphesheya azothola ithuba lokuthi azolahla inyama yenkukhu angayidingi kuleli nokuyinto efaka ingcindezi emnothweni wethu,” kusho uMngomezulu.