BANEPHUPHO lokulwa nendlala ngokuthi baziphilise ngokulima, abahlomule ngezinsiza emphakathini owakhele uMasipala waseJozini.
Emcimbini obubanjelwe enkundleni yezemidlalo Ezibukweni, ku-ward 7, ngoLwesihlanu, iMeya kulo masipala, uMnuz Naye Mathe, yethule uhlelo lokulekelela umphakathi ngezolimo, lapho kudluliselwe emphakathi izinsiza okubalwa kuzo imbewu, amapayipi ezinjini zokudonsa amanzi, izinkukhu nokudla kwezinkukhu.
Lokhu kwenzeke emphakathini ovela emawadini angu-23, okudluliselwe kwabenza izingadi emakhaya nasezinhlanganweni ezilima ngokuhlanganyela.
UNkk Thembi Magagula Tembe osenhlanganweni yabahlanu abafelokazi eziphilisa ngokulima, uthe lolu hlelo luzobalekelela kakhulu ukufeza amaphupho abo.
“Sithole izimbewu, yinjini yamanzi namapayipi. Sivele sesinayo indawo engama-hektha angu-10 esizolima kuyo, kanti sizimisele ukuthi silime umoba. Sinenhloso yokuthi sidayise sithole imali yokuziphilisa thina nemindeni yethu. Sivele sesimtholile umuntu ozokwazi ukuseluleka, osenesikhathi eside esebhizinisini lomoba. Ngakho sijabule kakhulu,” kusho uNkk Tembe.
UNksz Gladys Mbokazi uthe ungomunye wabahlomule ngokuzomlekelela azenzele ingadi ekhaya.
“Umhlabathi wethu uvunde kakhulu. Ezolimo yizona iningi labantu eliziphilisa ngayo kule ndawo. Ukudla kumba eqolo ezitolo ngakho lokhu okudluliselwe kithina sikubonga kakhulu, kuzowenza umehluko,” usho kanje.