ESINYE sezitolo ezinkulu kuleli, iBoxer, sithembise ukudala inqwaba yamathuba omsebenzi nokuqhubeka sinakekele amakhasimende aso njengoba, nonyaka, sigubha iminyaka engu-45 sasungulwa.
Umphathi omkhulu waseBoxer, uMnuz Marek Masojada, esitatimendeni asithumele ekuqaleni kwesonto, uveze ukuthi banesifiso sokuthi bavule ezinye ezitolo ezevile ku-200 eminyakeni embalwa ezayo.
“Sizizwa sijabule kakhulu ngenselelo esizibekele yona. Siyakholwa ukuthi ukufezeka kwayo kuzoletha ushintsho olukhulu emphakathini njengoba kuzobe kusho ukudaleka kwamathuba omsebenzi,” kusho uMasojada.
Uveze ukuthi lesi sitolo esasungulwa ngo-1977, saba negatsha laso lokuqala eMpangeni, njengoba manje sekunezitolo ezingu-380 eNingizimu Afrika, kanjalo naseSwazini.
Uthe kulezi zitolo baqashe izisebenzi ezingaphezu kuka-25 000.
“Siqasha abantu basemphakathini, siqeqeshe amathimba ethu ngokuwanika ulwazi ngoqeqesho lwangaphakathi bese siqinisekisa ukuthi siyabuyisela emphakathini ngezindlela ezahlukene,” kusho uMasojada.
Uthe okuyikhona abakukhathalele ukuthi bahlale njalo benakekela kahle.
“Inqubomgomo yethu ukuthi amakhasimende ethu eze kuqala kuyo yonke into esiyenzayo,” kusho uMasojada.