AMALUNGU e-ANC Women’s League (ANCWL) KwaZulu-Natal, abambe umkhuleko izolo esigodlweni KwaKhangelamankengane, ethandazela ukuthi umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi seSilo, ube yimpumelelo.
Umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi seNgonyama uMisuzulu kaZwelithini uzokuba ngo-Okthoba 29, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Isitifiketi seSilo sizodluliswa nguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Umthandazo wayizolo ubuhanjelwe ngabaholi be-ANCWL abaqavile okubalwa owayengumengameli wophiko, uNkk Bathabile Dlamini, nowayengumgcinamafa walo, uNkk Maite Nkoana-Mashabane.
Ngaphandle komkhuleko, amalungu e-ANCWL abe nomhlangano neSilo lapho kudingidwe izihloko ezinjengokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Umgqugquzeli wethimba lesikhashana elihola i-ANCWL KwaZulu-Natal, uNksz Fikile Masiko, uthe umcimbi wangesonto elizayo ubalulekile emlandweni wesizwe samaZulu.
“Umcimbi wangesonto elizayo ubalulekile ngezindlela ezahlukene ngoba kuzokube kungokokuqala abantu abaningi bebona umcimbi walolu hlobo. Ngenxa yalokhu, wonke amehlo azokube ethe njo emcimbini. Yingakho siyithimba lesikhashana elihola i-ANCWL KwaZulu-Natal, sibone kunesidingo sokuthi sibe nomkhuleko wokucela ukuthi umcimbi ube yimpumelelo,” kuchaza uNksz Masiko.
UNksz Masiko uqhube wathi umbuso weSilo ufike ngesikhathi esibi lapho izwe libhekene nezinkinga eziningi.
“Kwezithinta amazwe omhlaba, impi ephakathi kwezwe laseRussia ne-Ukraine, ibe nomthelele ongemuhle emhlabeni jikelele. Lapha ekhaya sibhekene nezinkinga ezifana nokuswelekala kwemisebenzi, ububha, kanye nokungalingani. Lezinkinga seziholele ekwandeni kwezihlava ezinodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.”
UNksz Masiko uthe i-ANCWL inobudlelwano obuhle neNdlunkulu ngoba minyaka yonke iba nesikhumbuzo sikaNdlunkulu uThomozile, ozala iNgonyama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. UNdlunkulu uThomozile wayeyilungu le-ANCWL.
Khonamanjalo, izolo abe-ActionSA bavakashele iNdlunkulu kaZulu beyokotha iSilo. Ubuholi bebuhlanganisa umholi wayo uMnuz Herman Mashaba, nowesifundazwe uMnuz Zwakele Mncwango kanti bahlangane neSilo esigodlweni KwaKhangelamankengane.
UMncwango uthe usuku lwayizolo lubalulekile emlandweni we-ActionSA ngoba bekungokokuqala ukuthi iyokhuleka eSilweni uMisuzulu. Wathi iNgonyama income indima eyadlalwa nguMashaba ngesikhathi eseyimeya kamasipala iJohannesburg.
Umholi we-ActionSA eKZN uphawule kanje: “ISilo sisiphe izibusiso. Sisebenzise umhlangano wayizolo ukunxusa iSilo ukuba siqhubeke nokubamba iqhaza laso lokuba umzali kuthina njengosopolitiki, sisikhalime lapho siphuma khona endleleni.”