BAFUNA usondele eduze uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, abazali basesikoleni iSiphephele Secondary, eFolweni, kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi uthishanhloko uvumela ukudayiswa nokubhenywa kwezidakamizwa ngaphakathi esikoleni.
Ngokusho komthombo ocele ukuthi igama lawo lingadalulwa, uthe uthishanhloko akagcini ngokuvumela ukudayiswa kwezidakamizwa kuphela kodwa ubuye akhokhise abafundi abazidayisayo imali ka-drinki uma kwenzekile babanjwa nazo ukuze ababuyisele.
Umthombo uthe kuvame ukuthi kugcinwe izidakamizwa ezibanjwa kubafundi uma kube khona ababampimpile laba abadayisayo.
“Kwesinye isikhathi zitholwa uma unogada wesikole ezungeza ngaphakathi esikoleni bese ebona abafundi abasolisayo, abaseshe, azithole. Uye abaqhube abafundi abathole nazo abayise kuthishanhloko, afike azedlulisele kuye izidakamizwa azitholile.
“Esikutholayo ukuthi kuthi ngokuhamba kwesikhathi uthishanhloko abizele labo bafundi ehhovisi lakhe azoba nomhlangano nabo. Lapho ufike abatshele ukuthi uzobabuyisela izidakamizwa zabo kodwa abaqale bamnike u-drinki,” kusho umthombo.
Uthe iyabakhathaza le nto ngoba yenza isikole sibe ikwampunzi idla emini.
Wenze isibonelo ngesigameko athe senzeke ngoSepthemba, nyakenye, lapho umfundi wakwaGrade 11, exabane nomunye ekilasini maqede waphuma wayolanda ummese komunye ofunda uGrade 10, wabuya wazogwaza ngawo lo akade exabana naye.
“Akashonanga umfundi kodwa walimala kabi. Kwathi uma kulandelelwa, kwatholakala ukuthi umsolwa wayekade esebenzisa izidakamizwa yikho wayesenodlame,” kusho umthombo.
Phakathi kwezidakamizwa okuthiwa ziyadayiswa kuthiwa insangu nephilisi elaziwa ngokuthi yi-Zeni.
“Sicela umnyango usondele uzophenya le nkohlakalo eyenzeka kulesi sikole ngoba imfundo yezingane zethu iyalimala. Sifuna ashintshwe uthishanhloko ngoba sinomuzwa wokuthi udicilela phansi ikusasa lazo,” kusho umthombo othe isigungu sabazali siyalwazi udaba kodwa asiyithi vu indaba yalo uma kubizwe imhlangano yabazali.
Usihlalo wesigungu sabazali, uMnuz Thandokuhle Zondi, uvumile ukuthi isikole sinayo inkinga yezidakamizwa ngaphakathi, wafakaza nangokuthi kwayena zikhona iziwombe lapho ebambe khona abafundi bedayisa izidakamizwa esikoleni.
“Kulezi zinsolo ezithinta uthishanhloko angifuni ukuphawula kakhulu ngazo ngoba zona zikhona, siyezwa ngazo siyisigungu futhi sike sambuza uthishanhloko ngazo kodwa waziphika.
“Kubanzima ke ukuthi kube khona isinyathelo esingathathwa ikakhulukazi ngoba akekho oseke wambona uthishanhloko eshushumbisa izidakamizwa ezibuyisela kubafundi abasuke bebanjwe ukuthi bayazidayisa esikoleni,” kusho uZondi.
Wenabe wathi okubuhlungu ukuthi phakathi kwezinye izingane ezidayisa izidakamizwa, abazali bazo bayazi ngalo mkhuba.
“Ngike ngabamba umfundi nenqwaba yezidakamizwa, ngathi udaba ngiluyisa kumzali, wathi kulungile. Ngithe uma ngifika kumzali, ngamangala uma engitshela ukuthi uyazi ukuthi umfundi udayisa izidakamizwa, wathi kodwa ubazi ukuthi uzidayisa uma esekhaya kuphela, hhayi esikoleni,” kusho uZondi.
Uthe bayafisa umnyango ungenelele ngoba sekunesikhathi udaba beludlulisele ezinhlakeni zomphakathi njenge-CPF, amaphoyisa nekhansela kodwa bengasizakali.
AboMnyango wezeMfundo eKZN bebengakaphenduli ngalolu daba.