UMNDENI waseBhiriya, eShowe, osemakhandleleni, usola ilungu lawo okuthiwa libhema iwunga, ngokushona kwelinye okuthiwa libulawe wumlilo ongqongqise indlu.
Kuthiwa umuzi wakwaMajola ushiswe wumlilo wekhandlela ngesonto eledlule, ngaphakathi kunoMnuz Mzikayifani "Madlakadla" Majola (70) ongubaba wekhaya.
UMajola kuthiwa uhilwe yintuthu yomlilo washona. Kuthiwa ukhanyise ikhandlela maqede wazumeka lisakhanya ngobusuku bokwehlukanisa unyaka. Kubikwa ukuthi uMajola ubesephila ngokukhanyisa ikhandlela emzini wakhe, ngenxa yendodana yakhe ebisiziqedile izintambo zikagesi ezixhunywe endlini.
Ukweba kobhemayo ekhaya kuthiwa sekuphele iminyaka engaphezulu kwemihlanu ezitika ngesidakamizwa, kuthiwa kuholele ekutheni udadewabo omcane aphume ekhaya nezingane zakhe ezimbili. Kumanje uhlala nazo izingane komunye umuzi wasozalweni oseduzane nakubo. Kuthiwa umuntu obone kuqala ukuthi kuyasha kubo yiyo indodakazi kamufi ememeze abantu bendawo, bayilekelela bezama ukubhula umlilo.
Umufi, oqukulwe embhedeni elele, kuthiwa ubesehilwe yintuthu, washona esegcekeni.
Owomndeni, uNkzs Nontobeko Majola, uthe baphila kanzima ngoba umfowabo esentshontshe yonke into kubo.
"Ekhaya asisenalutho endlini. U...( emgagula ngegama) uziqedile zonke izinto ebezisendlini, wagcina esedlulela nasezintanjeni zikagesi. Ubaba ubephila ngemali yempesheni, udadewethu omncane akasebenzi kanti mina uma ngithumela imali ngisuke ngihlose ukuthi kube khona ukudla abakuthengayo. Ngakho-ke akulula ukuthi sizinikele ekuthengeni izintambo zikagesi ekubeni kunomuntu ongase azithathe ayozidayisa," kubeka intokazi.
Iqhuba ithe baphatheke kabi ngesigameko esibehlele, futhi bayafisa ukuthi umfowabo asizakale, aphile impilo eqondile.
"Uke wazama ukuyeka (ukubhema). Ngamtholela nomuthi ophuzwayo kodwa kwasho ukuthi akalandelwa muntu, ngambona esephindele kule nto ayibhemayo," kusho uNksz Majola.
IMeya yaseMlalazi, uNkk Queen T Xulu ivakashele umndeni, yathembisa ukuwukhipha otakwini, ngokuwakhela indlu entsha ozohlala kuwo njengoba ungasenalo ikhaya.