KUSHIYE umphakathi Knemindeni yabagilwa bedidekile ukubulawakwabantu abangu- 21 ezindaweni zokucima ukoma ngempelasonto, ezehlakalweni ezehlukene ezenzeke KwaZulu-Natal naseGauteng.
Lishone elayizolo kusabikwe abane okuthiwa badutshulwe bashonela endaweni yesigameko endaweni yokucima ukoma eseSweetwaters, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ebusuku, abayisishiyagalombili kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela belimele.
UMnuz Nkosingiphile Nsele (33), ungomunye wabane abashone kulesi sigameko.
Udadewabo, uNksz Silindile Nsele ekhuluma neSolezwe, uthe bathole ucingo obeluvela kwelinye ilungu lomphakathi ebelibazisa ukuthi sekudutshulwe umfowabo.
“Sisuke ngaso leso sikhathi saqonda endaweni okwenzekekuyo isigameko, safika abantu bedindilizile, sekukhona namaphoyisa. Izidumbu bezilele kabuhlungu zingamboziwe okuthe uma sizama ukungena simboze lo wakithi, amaphoyisa asinqabela.
“Agcine ngokusidubula ngezinhlamvu zenjoloba okuholele ekutheni kulimale amanye amalungu omndeni okuyimanje asemtholampilo. Sisiphathe kabuhlungu lesi sigameko nokugudluzwa ngesankahlu ngamaphoyisa ekubeni besizele ukuzoqinisekisa isidumbu sikamfowethu,” kusho uNksz Nsele.
Elandisa ngokwenzekile, umnikazi wendawo yokucima ukoma ngesikhathi ekhuluma neSolezwe, uMnuz Mbuyiseni Mtambo, uthe ubekwelinye igumbi eliphezulu ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.
“Ngesikhathi ngiphuma, ngitshelwe ukuthi kwehleabesilisa emotweni efike yama ngaphandle, bangena bangabuzalutho, badubula bebhekise kwabebephakathi. Ngikholwa wukuthi bebemazi umuntu abebemfuna, abanye bathelwa ngamachaphazelo.
“Bekunemoto yohlobo lwePolo ebivele ipakile ngaphakathi, okuthe emva kokudubula, umnikazi waphuma ngaphakathi ephethe isibhamu ehamba nentombazane isikhashana.
“Ubuye wangena kule moto washaya wachitha,” kusho uMtambo.
Uthe isigameko esifuze lesi besingakaze senzeke selokhu aqala ukusebenzela kule ndawo kusuka ngo-1992, wathi simshaqise kakhulu. Uveze ukuthi akhona amahlebezi aveza ukuthi lesi sigameko singase sihlobane nombango wabathengisa izidakamizwa endaweni kodwa akanaso isiqiniseko okwamanje.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Sikhanyiso Makhaye, liveze ukuthi kunemoto yohlobo lwePolo eyaziwayo, ehluphayo endaweni.
“Lena iyindawo evikelekile (ithaveni) okungakaze kwenzeke into enje. Kuyisimo esisithuse kakhulu kodwa okwamanje akekho onolwazi oluphelele ngokwenzekile. Sizolinda uphenyo lwamaphoyisa.
Empeleni kukhona imoto yohlobo lwePolo edumile nje ehluphangokudubula abantu.
“Akudutshulwa abantu abakule ward kuphela kodwa nabakwamanye. “Izigameko ezinje ziyenzeka ezindaweni zethu, okuyosilekelela ukubonakala kwamaphoyisa endaweni, okuyinto enganqoba izigebengu ukuthi zingazicanaseli,” kusho uMakhaye.
Yize abantu bebethukile kodwa bebeqhubeka beziphuzela khona ngaphakathi kulawa magceke, abanye bengazi nanyaka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uqinisekise ukuthi abashonile baneminyaka ephakathi kuka30 no-45 kanti kuphenywa amacala okubulala nawokuzama ukubulala, aphenywa wuphiko lwesifundazwe lobugebengu obuhleliwe.
Esigamekweni esenzeke eNomzamo, e-Orlando East,eGoli, kudutshulwe kwashona abangu-15, abawu-12 kubona, Isolezwe, lithole ukuthi bebengabokuzalwa eMzimkhulu, KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe yilungu lomndeni, eliphinde libe yiphoyisa lo mkhandlu waseGoli, uMnuz Gugulethu Mbhele.
UMbhele otshele Isolezwe ukuthi kulesi sigameko kushone izihlobo zakhe ezintathu, wathi ngesikhathi efika endaweni yesigameko uqaphele ukuthi abaningi ngabangakubo eMzimkhulu.
Uhlawumbisele ukuthi bawu-12 abagilwa athe bangabokudabuka eMzimkhulu.
Elandisa Isolezwe, uthe kubona bekukhona izihlobo zakhe okungoMnuz Thamsanqa Malunga (24), Mnuz Nkosi Malunga noMnuz Boyboy Chiliza (26).
Uthe bobathathu laba, nabanye ubekade enabo emini ngesikhathi behambele omunye umcimbi wesihlobo khona eGoli.
Uthe bahlukane bengabantu asebeyolala kanti bazobuye bashintshe umqondo, bathathe isinqumo sokuyohlala kuleya ndawo yokucima ukoma.
Wathola ucingo lumbizela endaweni yesigameko, kuthiwa kukhona isihlobo sakhe kwabadutshuliwe.
Uthe efika wakhangwa yizidumbu ezintathu ngaphandle, wathi uma eqhubeka engenangaphakathi, wafica ezinyezimbondelene ngasemnyango.
Uthi abagilwa bebedutshulwe kabi amanxeba amaningi kanti isimo besinyantisa igazi.
Uthe ube esethola ukuthi uNkosi yena uphuthunyiswe esibhedlela. Wathi bathe uma bethi bayombheka, bathola ukuthi ufike washonela khona. Elinye ilungu lomndeni elithi bathole ucingo kuMbhele, uMnuz Nyangiwe Dikela, lithe basashaqekile ukuthi ngabe yini eholele ekutheni ababulali badubule izihlobo zabo ngalendlela.
Uthe azikho izimpi zezigodi eMzimkhulu abazaziyo, abangahle basolele kuzo ukuthi, mhlawumbe, yize eziholele kulesi sigameko.
IMeya yaseMzimkhulu, uNkk Jabulile Mzizi-Msiya, ukuqinisekisile ukuthi sebezwile ukuthi abanye babashonile bavela eMzimkhulu.
Ithe okwamanje bebesathole ukuthi bayisithupha abavela ezigodini ezehlukene zaseMzimkhulu.
UKhomishana wamaPhoyisa eGoli, uLt Gen Elias Mawela, uthe bathole ukuthi kufike amadoda abehamba ngeQuantum, afike azenza abantu abazothenga kodwa ase evulela ngenhlamvu kubantu ebebezijabulisa ngokuphuza.
“Imbangela ayikaziwa okwamanje, abahlaseli basebenzise uhlobo lwezibhamu ezinkulu. Amaphoyisa asaphenya,” kusho uMawela.
Kwesinye isigameko esenzeke eKatlehong, endaweni yokucima ukoma, iMputlane Inn Tavern, khona kudutshulwe kwabulawa ababili.
Kuthiwa kudutshulwe abayisithupha, abane babo, basindile baphuthunyiswa esibhedlela.
Nakhona kuthiwa abahlaseli bafike behamba ngeQuantum.