UMNDENI wowesifazane, okutholakale isidumbu sakhe sisongwe ngeshidi salahlwa ehlathini laseMthwalume ngeledlule, usola isoka lakhe ukuthi yilona elimbulele.
Isidumbu ebese sonakele, sikaNksz Nonozi Mbhele (43), sitholwe ngesonto eledlule ngabasebenzi abebemba eduzane komgwaqo uR102.
Umufi ungowokudabuka e-Adams, eThekwini, kodwa ubekade ehlala nesoka egade imiqasho yesihlobo sakhe eMalukazi.
Umndeni uthi kusukela kubike abezindaba ngalesi sehlakalo, isoka alisatholakali ocingweni, lithuthile lapho abelihlala khona nomufi futhi alaziwa ukuthi likuziphi izinkalo.
Okwenza lo mndeni uthi usola isoka ukuthi liwuqambele amanga lathi lavula icala emaphoyiseni ngokulahleka kukamufi ekubeni kungenjalo.
Le ndoda, Isolezwe elinalo igama layo, kuthiwa yabikela umndeni kamufi ukuthi wanyamalala egqoke ingubo ephuzi namateku amhlophe kodwa kutholakale endlini kusathungathwa umufi.
Kuvela ukuthi ezingutsheni okwakusongwe ngazo umufi kunane-pillow case uphathina walo osendlini ebihlala umufi.
UNksz Sihle Chiliza, ongumzala kamufi, uthe bagcina ukuxhumana naye ngocingo ngoLwesihlanu, ngo-Okthoba 7, ewumuntu ozobalethela imali yerenti ekhokhwe iziqashi.
Uthe bakhathazekile ngokunyamalala kwesoka likamufi obekumele libanike izimpendulo.
“Le ndoda iqale yazenza umuntu obambisene nathi ngesikhathi sithungatha umufi kodwa yanyamalala sekutholakele isidumbu. Ngisho umndeni wayo uthi awuyazi ikuziphi izinkalo,” kusho uNksz Chiliza.
UNksz Mbhele uzongcwatshwa emathuneni aseFolweni ngoMgqibelo. Ushiye emhlabeni ingane yentombazane eneminyaka engu-17.
Isisishoshovu somphakathi eMthwalume, uNksz Hlengiwe Gambushe, sithe isoka alitholakali nakubo KwaNomakhanzane, eMthwalume.
UNksz Gambushe uthe sibathuse kakhulu lesi sehlakalo, sabakhumbuza izehlakalo zango-2020 zokutholakala kwabantu bebulewe balahlwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ngecala lokubulala.