IHHOVISI likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, lisola iMeya yaseNewcastle ngokukhuluma amanga ngezinsolo azibhekise kuye.
Okhulumela uCele, uNksz Reneilwe Serero, uthe izinkulumo ezenziwe uDkt Ntuthuko Mahlaba esola uCele ukuthi usebenzisa amaphoyisa ukulwa izimpi zepolitiki azibambeki.
UMahlaba utshele abalandeli bakhe ngoLwesibili enkantolo yaseNewcastle ukuthi uCele usebenzisa amaphoyisa akhe ukulwa izimpi zepolitiki.
Uphinde wambiza ngephara, wathi akamsabi.
“Konke lokhu okushiwo iMeya kungamanga futhi akubambeki. Empeleni izinsolo lezi ezingenasisekelo,” kusho uNksz Serero.
UMahlaba uboshwe ngecala lokubulawa kukaMnuz Wandile Ngubeni owayengunobhala we-ANCYL esiFundeni iMalahleni.
UNgubeni wabulawa bebuya ukuyokhankasa eMadadeni, kwalimala kabi uMnuz Mafika Ndebele weYoung Communist League.
Abalandeli bakaMahlaba bafike enkantolo bephethe izingqwembe ebezithuka uCele.
Ezinye bezibhalwe ukuthi “WeBheki Cele awuyeke ukuthanda ukubukwa. Awubuye uzolungisa umonakalo owudale lapha,” kusho izingqwembe.
UMahlaba ukubeke kwacaca ukuthi akayi ndawo esikhundleni sokuhola i-ANC nokuba iMeya.
Izolo kuthiwa ufike usuphakathi umhlangano wokuhlahla isabelomali somkhandlu wakhe.
Amakhansela nawo ahlukene phakathi mayelana nokuba aqhubeke nokuhola umkhandlu noma ashenxe.
Ikhansela uMnuz Sam Mlangeni we-IFP lithe bona babona kukuhle ukuba imeya ishenxe kuze kube kudlula ifu elimnyama ebhekene nalo.
“Siyabona kuzwelonke abaholi uma benamachashaza bayashenxa. Ngakho nalapha bekungakuhle iMeya yehle ibhekane nendaba yaleli cala eboshelwe lona ukuze nomkhandlu usebenze ngaphandle kwechashaza. Okunye ukuzwa iMeya ethuka uCele. Yize besenhlanganweni eyodwa kodwa sibheke ukuba uCele ahlonishwe ngoba umele umphakathi,” kusho uMlangeni.
Ikhansela uMnuz Blessing Mwali oyikhansela elizimele, uthe akaboni ukuthi iMeya kumele ishenxe ngoba icala layo alihlangene nokuphathwa komkhandlu.
“Akukho okubi okuthinta umkhandlu kuleli cala kodwa yinto yangaphakathi. Ngakho asikho isidingo sokuba agudluke,” kuchaza uMwali.
Kube nezinguquko ebuholini bomkhandlu njengoba kuqokwe uSomlomo omusha uNksz Samkelisiwe Yende ovala isikhala sikaNkk Jabu Khumalo oseya esiShayamthetho.