OMASKANDA abawumumba nedlelo uDumisani “Mzukulu” Zulu noNjoko “Ihobosha” Mbambo, basinde kukubi engozini yemoto ebehlele elokishini laseGoli, iVosloorus ngeSonto ebusuku.
Lezi zinsizwa esezike zalingisa nakuZalo, bezilibangise emcimbini womngani wazo obuseVosloorus ngezithuba zabo-9 ebusuku.
Echaza uNjoko wodumo lwengoma ethi Sengiqomile nethi Thembelihle, uthe bebehamba ngemoto iGolf 6 ngesikhathi beshayisana ne-ambulance ebiphuthuma.
“UMzukulu ubephuma kolanda mina lapho ngihlala khona ePitoli. Sithe uma sesiseVosloorus sesiqonde emcimbini, kwathushuka i-ambulance sesithi siyajika.”
UNjoko uthe baphuthunyiswe esibhedlela saseVosloorus iThelle Mogoerane Regional.
“UMzukulu ubelimele ekhanda. Mina ngiphuke ingalo yangakwesokunxele nasehlombe. Ngilalisiwe mina ngoba ngisazohlinzwa. UMzukulu nomfana wakubo okunguye obeshayela, balashwe badedelwa.”
Imizamo yokuthola uMzukulu ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belungangeni.
Akukhona okokuqala uNjoko esinda kukubi engozini yemoto.
NgoMeyi nyakenye wavelelwa yingozi ehamba ngeToyota Hilux.
Kwenzeka lokhu nje laba baculi kulindeleke ukuba banandise emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu entsha kaNjoko eJeep Park, eGoli, ngo-Okthoba 31 naseWorkshop Amphitheatre eThekwini ngoNovemba 1.
Bazobe beshiyelana inkundla noDumakahle, Mnikezwa, Imfezemnyama, Mroza, Thandazani, Falabo, Navigator noBobo Umfana Wepiki.
UNjoko uthe ngeke uhlehle umcimbi ngoba onke amalungiselelo okuphuma kwe-albhamu yakhe asephothuliwe.
“Iyagaywa njengoba ngikhuluma. Siyeza isihloko maduze,” kusho uNjoko.
UMzukulu owaduma ngengoma ethi Sewungaz’ Ungishiye Ngempela (Dali Wami) eyashisa izikhotha ngo-2018, usanda kukhipha i-EP enkampanini kaSjava esihloko sithi Eyokuza.