UDANGELE umndeni womfana oneminyaka emihlanu otholwe eklinyiwe wabulawa ehlathini laseDabe, eTshelimnyama, nokusolwa isoka likanina okuthiwa lishaywe wumphakathi langqongqiswa liphila.
UKwanele “Dumi” Makabo ulahleke ngeSonto ntambama kanti isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe ngoMsombuluko emini emuva kokuba umsolwa obulewe, uMnuz Sthembiso Mthembu (30), ekhombise umndeni nomphakathi lapho efihle khona isidumbu sikaKwanele.
Umsolwa kuthiwa wayexabene nentombi yakhe yeminyaka emine wayishaya ngoba imtshele ukuthi abahlukane. Kusolwa kuthi imbangela yokubulala ingane yentombi wukuthi ubengafuni ukwamukela ukwaliwa.
Ugogo kaDumi, uNkk Sibongile Makabo, utshele Isolezwe ukuthi basakhungathekile futhi badumele ngoba bebengazitsheli ukuthi obeyisoka lendodakazi yakhe uThabile angenza into enjena.
“USthe ungihsayele ucingo ngigeza engitshela ukuthi usemthathile uDumi uya naye ehlathini uzombulala naye azibulale. Angizange ngizitshele ukuthi uqinisile. Kuthe sengiyobheka ukuthi ukhona yini uDumi ngathola ukuthi uthunywe esitolo uyothenga isinkwa. Siqale lapho ukutatazela sihamba siyobheka kuzo zonke izitolo,” kusho uNkk Makabo.
UMNUZ Sthembiso Mthembu obesolwa ngokubulala ingane yentombi oshiswe wumphakathi
Uthe ngeSonto bavuke baya lapho kuqashe khona umsolwa bethi bayobheka uDumi bangamfica, nomsolwa engabonwa.
Umsolwa kuthiwa uze wabathinta ngoMsombuluko ethi ingane ikhona ehlathini.
Umsolwa ubesebhace eClermont. Umphakathi uhambile wayomlanda wabuya naye.
Umsolwa kuthiwa uvele waqonda lapho ebefihle khona ingane.
“Kusidumaze ngendlela emangalisayo ukuthi umsolwa angabulala ingane ngesihluku esingaka. Ubevame ukuyishaya indodakazi yami etshela yona ukuthi uzoyibulala, asikaze sicabange ukuthi angabulala ingane ebimbiza ngobaba,” kusho uNkk Makabo.
Ngokusho kwalo mndeni, phambilini uDumi noMthembu bebezwana kakhulu kodwa muva nje ubengasafuni nokumbona ngenxa yokuthi ubehlala eshaya unina.
UNKSZ Thabile Makabo, kwesokunxele ngemuva, oshonelwe yingane ebulawe obeyisoka lakhe, ekanye nonina uNkk Sbongile Makabo Isithombe: Bongani Mbatha African News Agency (ANA)
Ngesikhathi uNkk Makabo ebuzwa ngokubulawa kukaMthembu, uthe bona njengomndeni abanalwazi ngokwenzeke kuyena ngoba bathathe isidumbu sabo (uDumi) balinda amaphoyisa. Uthe akukho abangakuphawula ngokubulawa kwakhe.
Isolezwe izolo belivakashele umphakathi lakhonjiswa lapho umsolwa eshiselwe khona.
Amalungu omphakathi akhale kakhulu ngokudembesela kwamaphoyisa athi awazange afike ngokushesha endaweni yesigameko.
“Kuyadumaza ukuthi amaphoyisa abizwa ngoMgqibelo kodwa afika azisongela izandla athi ngeke angene ehlathini wona. Kuze kuphuma izidumbu ezimbili nje sigxeka wona ngokudembesela,” kusho ilungu lomphakathi elingafunanga ukudalulwa.
UMZUKULU kaNkk Sibongile Makabo, uKwanele obulawe obeyisoka lendodakazi yakhe lamshiya ehlathini KwaDabe, eTshelimnyama
UNkk Makabo naye ukhale esifanayo ngamaphoyisa wathi awazange abasize belahlekelwe yingane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col. Thulani Zwane, uziqinisekisile lezi zigameko wathi amaphoyisa aseMariannhill aphenya amacala amabili okubulala.
Imizamo yokuthola umndeni kaMthembu ayizange iphumelele njengoba izinombolo zabo bezingatholakali.