ASHAYWE ngoswazi oluncane amalungu eMK asabisa ngodlame uma le nhlangano kanye nomholi wayo, uJacob Zuma, bevinjwa ukuba bangenele ukhetho.
INkantolo yezoKhetho ihlawulise ilungu lePhalamende, uMnuz Visvin Reddy, nowadilizwa kwesokuhola intsha ye-MK, uBonginkosi Khanyile uR150 000.
Izigwebo zabo zilengisiwe kuze kube iminyaka emihlanu.
UReddy noKhanyile balahlwe amacala okuphula isigaba 87(71) no87(2) somthetho wezokhetho.
IJaji EJS Steyn liyalele uReddy noKhanyile ukuba bengasho izinto ezigxeka ukusingathwa kokhetho kule minyaka emihlanu.
“Niyalelwa ukuba ningasephuli isigaba 87(1) no87(2) kule minyaka okulengiswe ngayo izigwebo zenu.”
Ngaphambi kokhetho laba baholi basabisa ngokuthi kuzosuka udlambedlu uma i-MK ikhishwa ohliwini lwamaqembu angenele ukhetho.
Ngaleso sikhathi i-ANC yayifake icala eNkantolo yezoKhetho ifuna ukuthi iMK ikhishwe ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho.
Nokho isicelo se-ANC sachithwa.
UReddy noKhanyile babesabise nangokuthi kuzokuba nodlame uma uZuma engavunyelwa ukungenela ukhetho.
Ngaleso sikhathi inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), yayithe uZuma akavumelekile ukuba ilungu lePhalamende ngoba wagwetshwa isikhathi esingaphezu konyaka ebhadla ejele.
UZuma wayevela phezulu ohlwini lwamalungu e-MK aya ePhalamende.
INkantolo yezoKhetho yachitha isinqumo se-IEC sokukhipha igama likaZuma ohlwini lwabaya ePhalamende kepha iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma ukuthi igama likaZuma likhishwe ohlwini.
I-video kaReddy lapho esabisa ngodlame yabukwa abantu abangu-138 000.
USteyn uthe izinsongo zikaReddy zazingaludunga ukhetho.
“Okuqaphelekayo ukuthi uReddy wenza le nkulumo edlubhe umfaniswano we-MK. Lezi zinsongo akazenzanga kanye, waziphinda kabili ekhuluma ezindaweni ezahlukene. Lezi zinkulumo wazenza ngoMashi, sekusele kancane kubanjwe ukhetho lwangoMeyi.”
I-video kaKhanyile yona yabukwa abantu abangu-243 000.
Ngesikhathi enza inkulumo, uKhanyile wayengumholi wophiko lwentsha kwi-MK, kepha wabuye wadilizwa.
“Inkulumo yakhe ibucayi njengayo le kaReddy. Nokho ukususwa kwakhe esikhundleni kusho ukuthi kukhona isijeziso asitholile.”
UReddy uthe usaxoxa nabameli bakhe ukubuka ukuthi angeke yini akwazi ukusidlulisela phambili isinqumo senkantolo.
Uthe okwamanje usematasa nomsebenzi wasePhalamende njengoba esanda kufungiswa.
Kuthintwa uKhanyile, ukhale ngokuthi umatasa nabameli bakhe, wathi uzokhipha isitatimende namhlanje.