USUTHEMBELE emthandazweni umndeni womfana oneminyaka engu-13 ominze ekade ebhukuda nabangani bakhe emfuleni uMngeni ngeSonto.
Umndeni kaLuntu Kaule (13) ohlala kuKennedy Road, uthe sekuphele izinsuku ezithathu kufunwa isidumbu emfuleni kodwa usenethemba lokuthi uzomthola.
Unina walo mfana uNksz Ntsaphokazi Kaule, uthe sebethembele ekutheni uNkulunkulu uzoyizwa imithandazo yabo, isidumbu somfana sitholakale.
Uthe kuke kwaba khona isidumbu esitholakale ngoLwesibili kodwa kuthe uma befika bathola ukuthi akusona esendodana yakhe.
"Kunzima ukulinda ungakwazi nokungena emanzini. Amaphoyisa afika ngeSonto angena emanzini angamthola ahamba awaphindanga abuya. Umphakathi uyazingenela emanzini usizwa yiReaction Unit SA kodwa nakuyo akulula ngoba kwezinye izingxenye uma usubheke ngasolwandle kudingeka imvume," kusho yena.Uthe amanye amaphoyisa ayabashayela ucingo acele inombolo yecala anikezwe abanikwe yona angabe esafika.
Uthe ngokuzwa kwakhe izingane zakuKennedy Road zijwayele ukuyobhukuda emfuleni uMngeni. Ngosuku okwenzeka ngalo isigameko kuthiwa indodana yakhe yafika emfuleni yaqale yahlala yabukela ngoba ithi amanzi maningi kodwa yabuye yangena kanti izominza.
"Le ngane ifunda uGrade 8 eSparks Estate e-Overport, ngoLwesine ike yaduka ithi ibithi ithatha indlela enqamulelayo yabona isiseMorningside ukuthi idukile, yacela usizo yagcina isiyiswe emaphoyiseni okuyiwo ayibuyisele ekhaya. NgeSonto isihamba nabanye beyobhukuda yafike yaminza. Kubuhlungu kakhulu okwengane yami, angazi ukuthi kanti kungani kwenzeka izinto ezinje kuyo," kusho uNksz Kaule.
UMnuz Prem Balram weReaction unit SA, uthe bashayelwe ucingo abantu abahlala emijondolo kuKennedy Road becela usizo. Kusukela ngeSonto bayawusiza umndeni bawufunisa isidumbu kodwa bake baphazanyiswa isimo sezulu bangakwazi ukusifuna ngendiza enophephela emhlane.
ULieutenantColonel Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe kuvulwe idokodo lokulahleka komfana okuthiwa uminze emfuleni uMngeni.
Uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokufuna isidumbu somfana.INational Sea Rescue Institute (NSRI), ithe balinganiselwa ku-1 484 abantu okubikwa ukuthi baminzile emifuleni eyehlulene kuleli ngonyaka, u-29% wabo kusuke kuyizingane ezineminyaka engaphansi kuka-14, okusho ukuthi kusamele kuqiniswe imikhankaso eqwashisa izingane ngokubhukuda emifuleni.