ISALE dengwane imindeni engu-12 yaseChesterville, eThekwini, ngesikhathi ishelwa yikho konke enakho ezindlini zesikhashana ezintatha zayizolo.
Ngokuthola kweSolezwe, lezi zindlu zesikhashana zithungelwe umlilo zasha zangqongqa nakho konke obekuphakathi.
Akekho oshonile kulesi sigameko kodwa kukhona owesifazane okuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela emva kokuphuka umlenze.
Omunye wabagilwa, uNksz Lihle Duma, uthe yize kungacaci kahle ukuthi yini ebe yimbangela yomlilo kodwa umlilo uqale emjondolo oseduzane.
“Sisola ukuthi umnikazi wawo ubeshiye isitofu sivutha, engumuntu ozosheshe abuye kanti kuzosala kudaleka umlilo,” kusho uNksz Duma.
Uthe wonke umuntu uvuswe umlilo obusha ungasalawuleki.
Uthe ngenxa yokusondelana kakhulu kwezindlu, bekulula ukuthi umlilo ubhebhetheke usuka kwenye indlu uya kwenye.
“Asiphumanga nalutho. Abaningi bethu baphume nezingubo zokulala ebesizigqokile, okunye kwasala ngaphakathi ezindlini kwangqongqiswa umlilo,” kusho uNksz Duma.
Uthe kubizwe izicishamlilo kwasho ukuthi ngesikhathi zifika bese kuvele konakele.
Uveze nokuthi babikele ubuholi bukahulumeni bendawo, bafika bubalethele okokuthiba indlala.
Uthe kuthathwe imininingwane yabo bengabagilwa ngethemba lokuthi bazothola ukusizwa ngandlela thize.
Ikhansela lendawo uMnuz Hugh Makhathini uthe uyile endaweni yesigameko ukuyohlola umonakalo.
Uthe usizo asabatholele lona okwamanje olokudla okunikelwe abamabhizinisi abazimele.
Uthe abagilwa basagcinwe emasontweni amabili asendaweni, wathembisa ukuthi bazohanjiselwa nezingubo zokulala.