KUME yonke into enkabeni yedolobha eThekwini izolo emini abasebenzi bevuka umbhejazana befuna ngodli izimpendulo kwiMeya kaMasipala uMnuz Mxolisi Kaunda.
Abasebenzi benyunyana iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu) ababalelwa ku-500, bavele bayoqhinqa eCity Hall befuna uKaunda.
Kubizwe amaphoyisa abasebenzi bevale thaqa umgwaqo omkhulu uDr Pixley ka-Isaka Seme (West Street) odlula eCity Hall ngezimoto nangamaloli kamasipala bengagayelwe mphako.
Abanye baze bamjikijela ngemfucuza umphathi wehhovisi likaKaunda, uMnuz Muzi Sithole obebachazela ukuthi akekho uKaunda.
Bathe uSithole abamuzwa bafuna imeya siqu sayo ukuze bathathe izinyathelo ezibheke phambili uma ingabaniki abakufunayo.
ISamwu ithe bekungesona isiteleka obekwenzeka kodwa bebeveza ilaka labo emuva kwemashi ababenayo ngoSepthemba 21, 2023 bemashela izinto ezehlukene.
Okunye kwakho kwakuwukuphoqa umasipala ukuthi ulwe nokubulawa ngokudutshulwa kwabasebenzi, ukushoda kwezinsiza kusebenza nomfaniswano wokusebenza.
Phezu kwalokho iSamwu ithe kunodaba lwamabhonasi eminyaka emibili umqashi angakaluxazululi afuna ukuwakhokha ngendlela ethandwa uyena.
Kulindeleke ukuthi uKaunda ahlangane nobuholi benyunyana ngo-2 emini namuhla.
Unobhala weSamwu eThekwini, uMnuz Xolani Dube, uthe bebememe ihhovisi likaKaunda, elemenenja uMnuz Musa Mbhele, nelikaNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuthi bazophendula okufunwa abasebenzi.
“Inhloso yethu bekuwukuzothola izimpendulo eziqondile ngoba abasinikeza zona asihambisani nazo. Umgqigqo weSamwu ngeke uphele size sithole izimpendulo,” kuchaza uDube.
Kuthe abasebenzi besaqhinqe ngaphandle kwaseCity Hall, umasipala wakhipha isitatimende wathi uzobathathela izinyathelo ngoba bazimbandakanye nesiteleka esingekho emthethweni.
Okhulumela umasipala uNkk Gugu Sisilana, uthe banxuse amaphoyisa ukuba angazibekezeleli izenzo zokuphulwa kwemithetho yezwe noMthethosisekelo uma kuneziteleka.
“Bonke abasebenzi abazibandakanye nesiteleka ngeke baze basiholele isikhathi abebekade beteleke ngaso ngokuhambisana nomgomo kamasipala. Ubuholi beSamwu bebucele umhlangano wamahora amabili futhi savunywa isicelo sabo,” kusho uNkk Sisilana.
Uthe ziyaqhubeka izingxoxo ezimayelana nezikhalo zabasebenzi ngezimo zokusebenza kanye nokukhokhwa kwamabhonasi.