BESULWE izinyembezi ngokuqashwa wumasipala, abemindeni yabafundi abashona engozini enyantisayo, eyenzeke emgwaqweni u-N2 phakathi kwasoPhongolo nePiet Retief, ngenyanga edlule.
Le ngozi eyashiywa kukhalwa ngesikhathi iloli okukholakala ukuthi lalisika endaweni engafanele, lashayisana neveni elaliza ngaphambili lithwele abantu abangu-20 bashona bonke, okubalwa kubo abafundi abangu-18 abaneminyaka ephakathi kwemihlanu no-17, uthisha nomshayeli weveni.
UMasipala waseZululand, izolo ubambe ukhukhulelangoqo womkhuleko obusoPongola Academy, okuthiwa bekuhloswe ngawo ukududuza imindeni namalungu omphakathi ahlukunyezwa yilesi sigameko esashaqisa abaningi.
IMeya kulo masipala, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, imemezele ukuqashwa kwabangu-15 abavela kule mindeni wumasipala ngenhloso yokubesula izinyembezi.
“Laba abaqashiwe, bazohamba phakathi komphakathi bebheka isimo sokuhanjiswa kwamanzi. Okwesibili; sizohlangana namaphoyisa omgwaqo siqinisekise ukuphepha kwezingane emgwaqweni. Bazoqeqeshwa umasipala ukuthi yimuphi umsebenzi okumele bewenze ukuwelisa izingane uma ziwela emgwaqweni omkhulu ziphuma ezikoleni ziya emakhaya,” usho kanje.
Uqinisekise ukuthi abawu-15 abaqashiwe baqalile khona izolo, kanti bemukeliswe izimpahla zokusebenza .
UNksz Nonhlanhla Ntshangase owashonelwa yizingane ezintathu kule nhlekelele, okukhona kuzo amawele uMinenhle noNothando Ntshangase (7) abebefunda u-Grade 1 esikoleni samabanga aphansi i-Victorious, noSithembile Ntshangase (10) yena obefunda u-Grade 5 eSakhumuzi Primary, ungomunye wabatholelwe lo msebenzi.
“Sibonga kakhulu, basiphile ithemba ukuthi kukhona konke kodwa uNkulunkulu ukhona. Noma kungavaleki okwenzekile, kodwa impilo iyaqhubeka. Lapho kuvaleka khona eminye iminyango, eminye iyavuleka,” kusho uNksz Ntshangase.
Phakathi kwabebehambele lo mkhuleko ngabafundisi bamabandla ehlukene, imindeni yabagilwa, abafundi, amalungu omphakathi, izikhulu zomasipala, nomholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa.
UMnuz Sibusiso Siyaya (28) owumshayeli weloli okukholakala ukuthi wuye owadala ingozi, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo, ngo-Okthoba 25, njengoba ngesikhathi egcina ukuvela, elaxaze isicelo sebheyili.