KUFUFUSA uqhekeko ngesinqumo somholi webandla lamaNazaretha aseBuhleni sokumisa isethenjwa sakhe ebesisebenza njengomeluleki wabameli, esisolwa ngokuthatha izigidi sithembisa ukucubuza amagabade ngesikhathi kuqhubeka icala lombango wesihlalo sobukhosi baleli bandla.
UMnuz Lizwi Ncwane obesekhaleni lokweluleka abameli bomholi wamaNazaretha eBuhleni uMnuz Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe, kuvele ukuthi wamiswa kulesi sikhundla emhlanganweni owawushubile owawuseBuhleni ngesonto eledlule, emva kokuthi kuthiwa wehluleka ukufeza izethembiso zokucubuza amagabade emajajini ukuze kuphele icala yize wayegixabazwe ngezigidi wuNyazilwezulu ukwenza lo msebenzi.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakathi kuleli bandla ukuthi kunabafundisi ababize umhlangano wabagcotshwa busululu, ozoba kusasa okuthiwa kuhloswe ngawo ukuthi kuhlanganwe noNyazilwezulu ngenhloso yokulunxenxa ukuthi luguqule isinqumo salo sokumisa uNcwane.
“Umfundisi uMchunu onguSihlalo wekomiti lebandla, bahlangene noNcwane bafuna ukulawula umbuso wenkosi. Bahlongoza ukuphikisana nenkosi enqume ukuthi uNcwane ngeke esaqhubeka nomsebenzi wakhe wokweluleka abameli. Umhlangano awumenyezelwanga ngendlela okujwayeleke ukuthi imihlangano imenyezelwe ngayo, kodwa uMchunu uwumemezele enkonzweni kaLalanathi eba ntambama abantu abaningi sebehambile,” kusho umthombo.
Uqhuba uthi lo mfundisi nomunye ebandleni, yibona abadala izinkinga behlohla abanye. Umthombo uchaze isenzo salaba befundisi njengemizamo yokuvukela umbuso womholi kuleli bandla,. Uveze ukuthi abanye abefundisi nabagcotshwa ababizelwe kulo mhlangano abanalo ulwazi ngokuzodingidwa.
“Laba befundisi bathi akusona isinqumo senkosi ukumisa uNcwane, kodwa iphoqwe amakhosi ngakho kumele sibuyekezwe, okuyinto engelula ukuthi inkosi ibalalele ngoba lokhu kuyobe kusho ukwehlelwa isithunzi sayo ebandleni ivele njengoshayelwa umthetho ekutheni kumele yenzeni. Okunye esikushwamayo ngalo mhlangano, ukuthi inkosi yaseMaqadini (uMqoqi Ngcobo) ayaziswanga ngawo,” kuqhuba umthombo.
Kuthintwa umfundisi okuthiwa uhlele umhlangano ubhoke ngolaka.
“Izinto zebandla angizikhulumi emaphepheni, futhi angisiye umkhulumeli webandla. Ngiyabonga!”
Kuthintwa uNcwane, uvumile ukuthi uyazi ngomhlangano kodwa kuzobe kungadingidwa ngaye.
“Mina angimisiwe ebandleni nasekwenzeni umsebenzi wami. Udaba oluyokhulunywa ngoLwesine luzobe lumayelana nencwadi eyasayinwa yinkosi yamaNazaretha,” kusho uNcwane.
Akazange achaze ukuthi incwadi eyasayinwa uNyazilwezulu imayelana nani.
Okhulumela uNyazilwezulu uMnuz Thokozani Mncwabe uthe uzwile ngamahemuhemu ukuthi kukhona umhlangano ozobanjwa ngabagcotshwa baleli bandla ngoLwesine, kodwa akanalo ulwazi lokuthi ubizwe ubani.
“Anginalo ulwazi ngokuzobhungwa emhlanganweni ngakho akukho engingakuphawula ngawo. Abagcotshwa bahlale beba nayo imihlangano kuleli bandla akusikhona okokuqala kodwa yinto nje ejwayelekile,” kusho uMncwabe.