SEBENQUNYELWE ugwayi katiki uMasipala weTheku abaqoqa udoti edolobheni abatelekile. Umasipala uthe uma bengabuyeli emsebenzini namuhla, uzozinqamula izinkontileka zabo.
Laba basebenzi abangaphansi kohlelo i-Extendend Public Works Programme (EPWP) bona bathi ngeke babuyele emsebenzini ingekho into ebambekayo abayithenjiswa ngumasipala.
NgeSonto, umasipala ukhiphe isitatimende uthi abasebenzi sebebuyele emsebenzini kodwa izolo bebengabonwa, imigwaqo eminingi eThekwini isagcwele udoti, kunephunga.
Abasebenzi baqale isiteleka ngoLwesihlanu befuna ukuqashwa ngokugcwele. Iphini lenhloko yezokuxhumana kumasipala, uMnuz Mandla Nsele lithe abasebenzi bashaye ingwijikhwebu bangalubhada emsebenzini, umasipala wakhipha isekhula ethi uma bengabuyeli kusasa (namuhla), zizonqanyulwa izinkontileka zabo.
Uthe abasebenzi abaqashwe ngokugcwele bancane futhi bayasatshiswa. Abatelekile bathi kuqashwe abantu abasha ngokugcwele kwangathathwa noyedwa kubona ekubeni babezifakile izicelo zomsebenzi.
Omunye wabasebenzi ongathandanga ukudalulwa uthe: “Ngeke sibuyele emsebenzini kungekho okubambekayo umasipala osinika kona,” kusho yena.
Izolo abasebenzi bebenomhlangano nomasipala. Ukungcola kweTheku kuzwele kwabamabhizinisi nakwezokuvakasha.
UMnuz Philiph Sithole oyinhloko yophiko lwezokuvakasha eThekwini uthe njengoba kuyisikhathi samaholidi izivakashi zizohamba zinesithombe sokuthi iTheku lingcolile, okungase kube nomthelela omubi kwezokuvakasha edolobheni.
Uthe azikho izivakashi ezihoxise ukuvakasha kwazo ngenxa yokuthi iTheku liyaxathuka. Ukungalahlwa kukadoti ngendlela kungenye yezinto ezisolwa ukuthi zinomthelela ekuguleni kwabantu abaningi emhlabeni.Umbiko wakamuva wenhlangano yezempilo, iWorld Health Organisation (WHO) uveza ukuthi * -24% wezifo ezibulala abantu emhlabeni, zidalwa wukuhlala ezindaweni ezingahlanzekile.