INYUNYANA yezisebenzi zomasipala, i-Independent Municipal & Allied Trade Union (Imatu), ithi inethemba elikhulu lokuthi izolinqoba icala labasebenzi balo abangu-34 abebebhikisha benqunu ngeledlule.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesine olwedlule abasebenzi abayingxenye yale nyunyana bebebhushuzela ngaseDurban City Hall, bekhala ngokuxoshwa wuMasipala weTheku.
Laba babesola lo mkhandlu neMeya uCyril Xaba ngokubashaya ngemfe iphindiwe.
Babekhala ngokuthi bamiswa emsebenzini ngoJulayi kuthiwa ayikho imali yokubaholela, bethenjiswa ukuthi ukumiswa kwabo yinto nje yesikhashana.
Ngesikhathi bebhikisha kwaze kwafinyelela lapho amaphoyisa agcina esebabopha khona. NgoLwesithathu bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
UMnuz Joe Mabaso, we-Imatu, uthe bayethemba ukuthi ekugcineni bazophuma phambili ecaleni.
"Le mpi sizoyinqoba, ngeke siphele amandla. Asididekile, simile ekutheni simsulwa, sizoqhubeka siwalwele amalungelo ethu. Ebantwini abasha abaqashiwe kukhona nabanye okuthiwa abekho esimeni esikahle sokuthi bangasebenza kodwa baqashiwe,'' usho kanje.
Uthe bazolwa ngakho konke okusemandleni kuze kube abasebenzi bayabuyiselwa emsebenzini.
Uthe kuyabaxaka ukuthi bonke abasebenzi babekwe icala lokuthi babengagqokile ekubeni kukhona ababegqokile.
"Uyabona-ke ukuthi bamane bayafunisela nje, abazi ukuthi benzani,'' usho kanje.
Unxuse ukuthi kube khona ubumbano nokusebenzisana kukhona konke abakwenzayo ukuze bezonqoba kalula.
IMantshi u-Ashwin Singh iveze ukuthi kunophenyo olusaqhubeka mayelana naleli cala yase ilihlehlisela uFebhuwari 12.
"Kukahle kakhulu futhi uma lihlehliselwa unyaka ozayo ngoba angifuni ukuthi uma sibuya lapha kube kukhulunywa ukuthi kukhona ulwazi olungekho mayelana necala,'' kusho uMabaso.
Kulaba ababoshiwe, abesifazane bakhale ngokuthi amaphoyisa esilisa ayebaphathapha okuyinto abathi ayibajabulisanga.