BAWUSHAYE indiva umyalelo kaMengameli Cyril Ramaphosa wokuthi kungabhebhezelwa isimo esivele sishubile, phakathi kwelakuleli neMelika uma sekwamukelwa obeyinxusa elixoshiwe, uMnuz Ebrahim Rasool.
Okunalokho amadlelandawonye ne-ANC okuyiCosatu, SACP namalungu e-ANC eKapa, amamukele njengeqhawe uRasool, ngesikhathi etheleka esikhumulweni sezindiza eKapa lapho amukelwe yizihlwele ngombhiyozo.
URamaphosa, wayenxuse ngomlomo womkhulumeli wakhe uMnuz Vincent Magwenya, ukuthi abantu bangabhebhezeli isimo esivele sishubile phakathi kweMelika nelakuleli uma sekubuya uRasool.
Lokhu kulandela ukuba iMelika imkhombe indlela uRasool yamthatha njengomuntu ongamukelekile kuleliya lizwe, ngenxa yokuthi wagxeka uMengameli Donald Trump, ngokuthi kumele kushintshe indlela elakuleli elenza ngayo izinto ngenxa yokuthi umbuso kaTrump, ubonakala weseka abamhlophe kuleli.
Izolo ekhuluma nabezindaba uRasool oqale kulesi sikhundla ngoJanuwari nonyaka, uthe akazisoli ngenkulumo yakhe ngoba akushilo kuyiqiniso.
"Engikushilo, ngisengaphinde ngikusho noma kukuphi, ngoba kuyiqiniso futhi angizisoli ngakho. Bekunzima ukuzama ukungqongqoza eminyangweni ehlukene eMelika ukuze kube nengxoxo ngezinto eziningi ezingamampunge, ezishiwo ngezwe lethu."
Uthe kubalulekile ukuthi uRamaphosa abumbe ubudlelwano neMelika.
"Kubalulekile ukuthi kwakhiwe kabusha ubudlelwano phakathi kwelakuleli neMelika. Ukuhlala silinde kuphele iminyaka emine (kuphume uTrump emandleni), kungaba nomthelela ongemuhle empilweni yabantu. Kungafa abantu ngenxa yokuhoxiswa kohlelo lwezempilo, lokusiza ngokusabalalisa imishanguzo yokuthithibalisa i-HIV," usho kanje.
Uthe uRamaphosa kumele akhethe umuntu onamava ukumjuba abe yinxusa eMelika wathi akangakhethi ngokwebala elimhlophe ngoba uTrump emhlophe.
Kunamagama osekuqalile ukukhulunywa ngawo njengabantu abangajutshelwa ukuvala isikhala sikaRasool, okubalwa uMnuz Tony Leon owayeyinxusa lase-Argentina, noMnuz Andries Nel osebe yiphini likaNgqongqoshe wezobuLungiswa isikhathi eside kuleli.
Uveze ukuthi uzoya ePitoli namhlanje, lapho kulindeleke ukuthi ahlangane noRamaphosa, amnike umbiko ngezinto ezenzekile kusuka ngelanga afika ngalo eMelika.
Udalule nokuthi akazimisele ngokuthi ajutshelwe kwenye indawo.
UNobhala weCosatu eWestern Cape, obezokwamukela uRasool uMnuz Malvern de Bruyn, uthe banquma ngeledlule ukuthi bazomamukela lo mholi.
Uthe abaneme ngendlela axoshwe ngayo wathi bayameseka ngokuthi ubekhuluma iqiniso.
UNobhala weSACP kulesiya sifundazwe uMnuz Benson Ngqentsu, uthe ngeke bezwe ngeMelika ukuthi ubani okumele bamkhethe nokungamele.
Uthe ubamele kahle uRasool eMelika wathi ube yiqhawe ngokumela uTrump.
UNobhala we-ANC esifundeni iDullah Omar, uMnuz Mvusi Mdala, uthe bayamhlonipha uRamaphosa kodwa bazokweseka umholi wabo abamthatha njengosebenze ngaphansi kwezimo ezinzima.