AMALUNGU omphakathi waseNhlalakahle, eGreytown, asemise ukwakhiwa kwesikhungo semfundo ephakeme kule
ndawo.
Umphakathi waku-ward 7, eGreytwon sekuphele amasonto amane uvale ukwakhiwa kwesikhungo semfundo ephakeme iFurther Education and Training (FET) eqale ukwakhiwa ngoJanuwari nonyaka okuthiwa bekulindeleke ukuthi kuphothulwe ukwakhiwa kwaso eminyakeni emithathu.
UMnuz Ntokozo Zulu ongusihlalo wekomiti lomphakathi waku-ward 7 uthe amalungu omphakathi amise ukwakhiwa kwalesi sikhungo esikumasipala waseMdloti ngoba ethi afuna ukuqashwa njengoba kwakhiwa. Amalungu omphakathi wakule ndawo avuka ekuseni nsuku zonke ayoqhinqa ngaphandle kwalapho okwakhiwa khona le-FET ngenhloso yokuvimbela noma ubani ongenayo nophumayo ethi uzosebenza.
Uthe amalungu omphakathi awagcinile nje kuphela ngokumisa ukwakhiwa kwesikhungo kodwa aphinde amise ukulethwa kwezinhlelo zikamasipala njengokulandwa kukadoti, ukufundwa kwamamitha kagesi nokunye.
UZulu uthe sekunesikhathi kwaqalwa izinhlelo zokwakhiwa kwesikhungo futhi babezitshela ukuthi nabo bazonikwa amathuba okuthi basebenze njengoba kwakhiwa.
“Umphakathi walana ku-ward 7 yiwona wodwa owakhishelwa ngaphandle kwangaqashwa ngisho umuntu oyedwa. Ngaphandle kwalokho nathi sinabo abantu abanezinkampani ezingayenza eminye imisebenzi edinga ukwenziwa kodwa bonke labo bantu abazange banikwe ithuba lokuthi bafake izicelo zabo zokusebenza. Umphakathi udiniwe ngenxa yale nto wase ukuvimba ukuqhubeka kokwakhiwa
kwe-FET,” kusho uZulu.
Uthe sebekube nemihlangano eyahlukene nomasipala eke yabanika ithemba lokuthi kukhona abasangaqashwa kodwa manje sekubukeka engathi akukho okwenzekayo.
UZulu uthe bakhathazekile ngendlela umasipala wakuleya ndawo olusingethe ngayo udaba lokungaqashwa komphakathi waku-ward 7 ngesikhathi kwakhiwa lesi sikhungo.
Uthe bazoqhubeka nokumisa ukwakhiwa kwalesi sikhungo nokulethwa kwezinhlelo zikamasipala kuze kube bayaqashwa.
Okhulumela uMasipala waseMdloti, uNksz Phindile Phungula, uthe bayazi ngokuphazanyiswa kokwakhiwa kwe-FET ngabantu abazibiza ngekomiti lomphakathi waseNhlalakahle.
Uthe umasipala sewube nemihlangano eminingi nabaholi baleli komiti abaqala ngokuthi bazobuza ngamathuba omsebenzi namabhizinisi e-FET nakumasipala.
Uthe abantu abakhala ngokungaqashwa kwi-FET bakholwa ukuthi kufanele baqashwe ngoba yakhiwe endaweni yabo yize kwakushiwo ukuthi kuzohlomula wonke ama-ward angu-14.
“Bekungekho zinhlelo ezenziwe zokuvimbela abantu bakuleya ward ukuthi bathole amathuba omsebenzi ngaphandle kokuthi bona bakholwa ukuthi kufanele kube yibo kuphela abahlomulayo uma kunamathuba akhona. Kufanele kuhlomule wonke
ama-ward angu-14 akulo masipala,” kusho uNkk Phungula.
Uveze nokuthi umasipala sewusezinhlelweni zokuluyisa enkantolo udaba lokuphazanyiswa kokwakhiwa kweFET.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Lunga Ngqengelele, uthe usalinde ukuthola kabanzi ngalolu daba ukuze akwazi ukuphendula.