NONJABULO BHENGU
AMALUNGU e-IFP angene emigwaqeni yaseMpangeni eyomasha elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane (GBV).
Lokhu kuza ngemuva kokuthi izibalo zobugebengu zakamuva ezikhishwe wumnyango wamaphoyisa zibeke uMpangeni eziteshini zamaphoyisa ezingu-30 ezihamba phambili ngesibalo esiphezulu sodlame nobugebengu bocansi esifundazweni.
Le mashi, ebiholwe ngabantu besilisa kanye nabesifazane abangamalungu omphakathi ongaphansi kukaMasipala waseMhlathuze,
ibisuka eMpangeni Central Park yabheka esiteshini samaphoyisa lapho behambise khona uhlu lwezikhalazo emaphoyiseni, befuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele ukuthi ahlinzeke ngezinsiza ezengeziwe eziteshini zamaphoyisa ezakhele uMpangeni.
UMnuz Thami Ntuli, oyiMeya kaMasipala wesifunda, iKing Cetshwayo, uthe bayazama ukuhlela ukuthi kube nezithangami zamadoda lapho bezoqhubeka nokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezindlela zokusiza abantu besifazane bezizwe bekhuselekile.
"Kubalulekile ukuthi amadoda abe seqhulwini kulo mbutho ngoba ukhombisa abesifazane ukuthi sima nabo ekulweni ne-GBV," kusho uMnuz Thami.
UNtuli uphinde wathi bafuna ukubona ushintsho endleleni amaphoyisa abhekana ngayo namacala okuhlukunyezwa kwabesifazane futhi ekugcineni umphakathi ube yindawo ephephile yabesifazane nezingane.
Kule mashi bekukhona nezinhlaka ezahlukene zabafundi baseNyuvesi yaseZululand abakhala ngokungaphephi esikhungweni sokuhlala.
Abafundi abahlala emahostela abafundi ngaphandle kwesikhungo bakhale ngokuthi basengozini enkulu njengoba kungaphephile futhi bengalutholi usizo emaphoyiseni.
Umholi wabafundi, uPortia Mdanda uthe kunezigameko eziningi zabafundi besifazane abake bahlaselwa badlwengulwa ngaphakathi ezindlini eziqashisayo.
"Ngeke sivumele isimo lapho abesifazane kufanele bahlale bebheke emahlombe abo besabela izimpilo zabo,” kusho uPortia.