BALAHLEKELWE yimali engaphezulu kukaR137 million abalimi bamoba baseMkhanyakude ngenxa yemvula eningi ene kulesi sifunda.
Laba balimi abanamasimu eduze kwexhaphozi, iSimangaliso Wetlands bathi angaphezulu kuka-2000 amahektha omoba okungangeneki kuwo ngenxa yamathantala amanzi ame emasimini.
UMnuz Joseph Mbuyazi, ongomunye wabalimi bakamoba kule ndawo, uthe amasimu kamoba awutshalile angakhipha isivuno somoba ongaba amathani angu-8000 kodwa kume amanzi.
Uthe sekuphele iminyaka ewu-12 elima umoba kule ndawo kodwa bekungakaze kune imvula eyenze umonakalo ongangalona.
Uthe le mvula enkulu ibihambisana nesishingishane u-Eloise. Kulesi sifunda kulo nyaka kunemvula eningi kunokwejwayelekile.
"Ukuhlala kukamoba emanzini isikhathi eside kuyawulimaza ngoba amunca ushukela. Uma usunjalo ngeke usakwazi ukuwudayisa. NgoMashi kuyavulwa emshinini kashukela kumele ngabe sesiqalile ukuvuna kodwa asikwazi ukungena emasimini. Mina ngimukelwe nayibhuloho elihamba amaloli athutha umoba, angikwazi nokufinyelela kwamanye amasimu angenawo amanzi ngoba ibhuloho limukile," kusho yena.
UMnuz Sifiso Mnguni, wenhlangano yabalimi iSouth African Farmers Development Association( iSafda), uthe abahlola umhlaba kula mapulazi sekunesikhathi bathola ukuthi kunenkinga lapho kuhlangana khona umfula iDuze noMfolozi, umgudu okumele uhambe amanzi kawucacile kahle lapho echithela khona olwandle, kunezindawo lapho uvuleke khona nalapho unciphe khona, okudala inkinga uma kunezikhukhula.
"Akucaci ukuthi ngabe kukhona owaphazamisa imvelo noma yazishintshela yona. Njengoba indawo iyithafa uma kunezikhukhula kuba nenkinga yokuthi amanzi okumele angene olwandle aphindela emuva, aphumele ngaphandle komfula aze afinyelele emasimini, ame. Njengamanje ukujula kwamanzi ame emasimini kungamamitha amane. Emgwaqweni okuhamba kuwo amaloli athwala umoba uma umile afika okhalo," kusho uMnuz Mnguni.
Uthe basabhalele uMnyango wezoLimo esifundazweni bewucela ukuthi ungenele usize abalimi abasathuthuka ngoba bona abanayo imali egcinwe ezinqolobaneni.
UMbuyazi uthe ukulungisa ibhuloho kudinga uR500 000. Kungamthatha izinyanga ezintathu ukuthi azi ukuthi isicelo sakhe sokuboleka imali siyemukelwa noma siyenqatshwa yini ebhange.
"Kuthatha isikhathi eside ukuthi ibhange licubungule isicelo somlimi onjengami oqashile epulazini, ngenxa yemigomo okumele ilandelwe. Ngaleso sikhathi umoba uyobe sewonakele. Anginawo umshwalense okhave inhlekelele," kusho yena.
AboMnyango wezoLimo bathe basalinde umbiko ovela ehhovisi lesiFunda eMkhanyakude ngalolu daba.