KUSOLWA iphara ngokungqongqisa umuzi wakubo KwaShobashobane, eZinqoleni, linengwa ukuthi unina walo ulinikeze imali “eshodayo” yokuyothenga iwunga.
Kubikwa ukuthi isigameko senzekele ngoLwesibili ngamadina, kanti umsolwa usagcwele amathafa.
Kubikwa ukuthi umsolwa oyiphara ufune imali yokubhema kunina obe esemnikeza uR60 wathi enye useyisebenzise ethenga igilosa.
Kuthiwa uvele wadinwa wathi ayenele imali anikezwe yona. Kuvela ukuthi unina, ube eseya emzini wakwamakhelwane eyofuna okuthile, undodana wasala washisa.
Isibonda somphakathi futhi esisekomitini elibhekele inhlalo nokuphepha kwawo, uMnuz Ronnie Khomo, sithe umsolwa usale yedwa kubo wahlunga izimpahla, ezinye wazibeka emnyango.
“Ube esengqongqisa konke ebekade kusele endlini okubalwa imibhede nefenisha. Unina kamgilwa nezingane zakhe ezimbili basele nabebekugqokile, sebehamba behlala komakhelwane,” kuchaza uKhomo.
Udalule ukuthi bewumpakathi bakhathazekile yingakho bephume inqina bathungatha umsolwa ukuze bamnikezele emaphoyiseni ambophe. Umsolwa usagcwele amathafa.
“Okuphatha kabuhlungu umphakathi, utshelwe ngelinye ilungu lalo mndeni ukuthi indodana yakhe iyamhlukumeza unina ona-52, ihlale imphoqa ukuthi ayinikeze imali ukuze ibheme. Sibikelwe ukuthi undodana useke wamklinya wacishe wambulala efuna ngodli imali yokuthenga izidakamizwa,” kusho uKhomo.
UKhomo ubalule nokuthi umlilo ucishwe wumphakathi kwazise izicishamlilo azibizile ebezisuka ePort Shepstone, zibatshele ukuthi indawo yimbi, akufinyeleleki kulo muzi ngoba awukho umgwaqo oya khona.
“Umlilo eZinqoleni usha zonke izinsuku kodwa asinaso isakhiwo sezicishamlilo esiseduzane. Kade sacela ukuthi sisondezelwe lesi sikhungo eduzane,” kubalisa uKhomo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Dennis Nyawose, lisiqinisekisile isigameko lathi okwamanje usawuzamele izipontshi nezimpahla zokulala lo mndeni.
Liqhube lathi lithole umbiko obuthi umsolwa ubalekele ezihlotsheni KwaMachi, nakhona wabulala ithelevishini, wase ebizelwa amaphoyisa.
Ikhansela livumile ukuthi abezicishamlilo bafikile, nalo belikhona nalo kodwa abakwazanga ukungena bezocisha umuzi oshile ngoba awukho umgwaqo.