KUSEKUNINGI okusamele kwenziwe ukuze kuliwe nesihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane kuleli.
Lokhu kushiwo yinhlangano elwa nalesi sihlava, iMbizo, ebiseDurban Girls Secondary, eThekwini, enkonzweni ebiyenzelwe ukukhumbula uWandile Ngcobo (17), owanukubezwa maqede wabulawa yizigebengu ezangena kubo zizokweba, zamfica esekhaya, engayanga esikoleni emasontweni amabili edlule.
UWandile ubefunda uGrade 11 kuso lesi sikole.
Isitatimende esithunyelwe ile nhlangano sithe kubuhlungu ukuthi intombazane esencane kangaka iphume umphefumulo ngenxa yomuntu wesilisa, yize kunezinhlelo ezingaka zokulwa nalesi sihlava ezweni.
UMnuz Sanele Ndlovu wale nhlangano esitatimendeni, uthe: "Asizukuphumula abenzi bobubi bengakaboshwa. Akusibo wonke amadoda afana nezigebengu ezibulele uWandile. Akhona amadoda aqotho."
Omunye wabangani bakamufi uNomcebo Mthembu, uthe uWandile nakuba ebengeyena umuntu obekhuluma avuleleke ngempilo yakhe, kodwa ubezigqaja ngenkolo yakhe.
"Ngendlela abengavulelekile ngayo sisanda kuzwa ukuthi ushiywe unina ngasekupheleni konyaka odlule. Kithina bangani bakhe ubefana nodadewethu, hhayi umngani nje kuphela. Kubuhlungu ukuthi namhlanje sikhuluma nganye esengomunye wabasesibalweni sabantu ababulawe ngamadoda," kusho uNomcebo ekhala.
UNkk Pamela David ongomunye wothisha, uthe sekuphele iminyaka eyevile kwengu-30 ewuthisha kodwa kungokokuqala ebhekana nesimo esinjena sokuthi umfundi abulawe ngesihluku esinje.
"Abafundi bonke bethukile ngalesi sehlakalo. Sizomeseka udadewabo, uSiphosethu naye ofunda kulesi sikole," kusho uNkk David.
Uthishanhloko wakulesi sikole uMnuz Sunil Balgobind, uthe ngendlela isimo ebesisibi ngayo, kudingeke ukuthi acele ongoti abeluleka ngokomphefumulo ukuzokweluleka abafundi.
Uyise kaWandile, uMnuz Mondli Ngcobo, ubonge isikole ngokwenza le nkonzo.
“Ngiyethemba ukuthi iqiniso lizovela maduze lokuthi ngubani lona owenze isihluku esinje endodakazini yami. Ngeshwa angikwazi ukukhuluma okuningi manje ngoba udaba lusingethwe ngamaphoyisa,” kusho uNgcobo.