BAKHONONDA ngoNobhala we-ANC esifundeni iTheku, uMnuz Musa Nciki, okuthiwa ugweve namavawusha abenikezwa ogogo ngenhloso yokubaKhisimusa, njengoba kungamaholidi okuphela konyaka.
ISolezwe ngeSonto lizwe lezi zindaba ngomthombo walo othembekile, ukuthi
kunezalukazi ezibe namaholidi amnyama ngenxa yokungakutholi ukudla ebezizitshela ukuthi zizokuthenga ngamavawusha enani likaR500 umuntu emunye.
Kuthiwa iwadi ngalinye belithenjiswe ukuthi lizothola amavawusha angu-500 kodwa amakhansela agcina ngokunikwa angu-450, ewadini ngayinye.
Amanye angu-50 ewadini ngalinye, kuthiwa abedluliselwa kunobhala ngaphandle
kokuchazelwa ngalo myalelo, ngokusho komthombo.
"Lezi zinguquko ziholele ekutheni kube nokudideka okukhulu kogogo njengoba isibalo samavawusha singazange sifinyelele kwabebetshelwe ngaso. Kubalimaze kakhulu njengoba kuphinde kwaba nenkinga yokujikiswa kokudla emathilini, ngenxa yamavawusha abengenayo nhlobo imali," kusho umthombo.
Omunye wezalukazi ezibe noKhisimusi omuncu ngenxa yokujikiswa kokudla esitolo, uNkk Smangele Ngcobo waseNtuzuma, uthe namanje isahlezi ivawusha kwakhe ngoba akasazi ukuthi kumele enze njani ngayo.
"Satshelwa ukuthi ngeke sikwazi ukuwasebenzisa (amavawusha) ngosuku esanikwa ngalo. Nangempela ngiye esitolo ngosuku olulandelayo kodwa ngahluleka ukuthenga ukudla. Ikhansela ngilitshelile ukuthi ngibhekene nale nkinga kodwa bengingakasizakali. Ngisalindile," kusho uNkk Ngcobo.
Eqhuba, uthe akuyena yedwa obhekene nale nkinga njengoba kukhona nezinye izalukazi ezijikisiwe ngenxa yokungathengi kwamavawusha.
Ethintwa uNciki, uthe uyakweshwama okwamavawusha okuthiwa athathwe nguye.
“Amavawusha awafiki kimina. Awathathwanga yimi. Alandwa ngamakhansela ehhovisi likasomlomo womkhandlu,” kusho uNciki.
Uthe amakhansela ayevele etsheliwe ukuthi azoqala nini ukusebenza ezitolo amavawusha. Okhulumela i-ANC, eThekwini, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe akusilo iqiniso ukuthi amavawusha athathwa ngunobhala.
“UMasipala weTheku yiwo onikezela ngemali yokuthengela ogogo ukudla kukaKhisimusi emawadini. Amavawusha angu-50 abethathwa ewadini ngayinye abeyiswa kumaPR Councillors. Inhloso yalokho bekungukuthi kugculiseke bonke abantu, okubalwa kubo nalabo abangekho ngaphansi kwenhlangano,” kusho uMkhize.
Ephetha, uthe abantu abanenkinga mabaxhumane namakhansela abo, ukuze basizakale.