MBALI KHANYILE
AMAKHOLWA ebandla lamaNazaretha ngaphansi komholi ovunwe yinkantolo, inkosi Phinda Shembe, Ukukhanyakwelanga, akhala ngonya lwabaholi okuthiwa baxoshe abefundisi ababili ngoba befuna ukukhuphuka intaba kanye nabaseGinyezinye.
Ngokwemibiko ekhona amakholwa angaphansi komholi Ukukhanyakwelanga nomholi uMudliwamafa waseGinyezinye, bazophuma kanyekanye kusasa benyukela intaba eNgcwele iNhlangakazi, okuyinto engakaze yenzeke kwaShembe, ukuthi abaholi ababili babesentabeni ngesikhathi esisodwa.
Umthombo uveze ukuthi yize kunezizathu ezibekiwe zokuxoshwa kwabefundisi kodwa kuyaziwa ebandleni ukuthi indaba isekunyukeni intaba. Uthi abefundisi abaxoshiwe baziwa ngokuhambisani nento engaqondile nokuthi umholi Ukukhanyakwelanga, anyuke intaba kanye nowaseGinyezinye.
Kuthiwa omunye wabefundisi, uZikhali waseMadlanzini ngaseRichards Bay, uxoshelwe ukunqaba ukugomela iCovid-19. Umfundisi wesibili, uMbatha waKwaNongoma, kubikwa ukuthi uxoshelwe intshumayelo ayenza ebandleni encoma umholi osewakhothama iNyangayezulu.
Ukuxoshwa kwabo ngoMgqibelo odlule, kuthiwa kushiye abazalwane benengekile futhi bedidekile ngokuthiwa bamiselwe kona. Umthombo wephephandaba ongelinye lamalungu ebandla, uthe kunemibuzo engaphenduleki ngokuxoshwa kwabefundisi.
"Okumangazayo ukuthi asitshelwanga lutho ngokuxoshwa kwabo kodwa sibone ngabo sebengekho. Siyabona ukuthi into ebadalele amazinyo abushelelezi ukwenqaba kwabo ukuxolisa, njengoba kuthiwa bebephoqwa ukuthi baxolisele into abangayazi,” kubeka umthombo.
Umthombo uthe abakutholile ukuthi uZikhali uxoshelwe intshumayelo eyaziwa yiwo wonke amaNazaretha futhi ehlezi ivela ngaso sonke isikhathi uma kushunyayelwa kunconywa iNyangayezulu.
Eqhuba uthe, necala likaMbatha liyinto engazwakali ngoba abantu abaphoqelekile ukuthi bagome uma bengathandi.
“Sithole ukuthi abaholi abaxoshe abafundisi bahlose ukwenza uhlelo lokunyuka iNhlangakazi nabaholi ababili nokuyinto ezobe iqala ngqa ukwenzeka. Asikwazi ukukhonza abaholi ababili ngesikhathi esisodwa. Labafundisi ababili abaxoshiwe banomthetho oqinile futhi siyazi ukuthi bebengeke nhlobo bakuvume lokhu,” kubeka umthombo.
Ethintwa uZikhali wenqabile ukuphawula.
“Angifisi ukuphawula lutho ngodaba. Ngikhetha ukuzivikela ngokungasho lutho. Ningasebenzisa wona umthombo lowo,” kubeka umfundisi.
Okhulumela umholi Ukukhanyakwelanga, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe bona abanayo imithombo ebandleni futhi ngeke baphawule lutho.