SEKUQUBUKE izinsolo zokugwaziswa kwamalungu ebandla lamaNazaretha aseBuhleni uma efuna ukuyonikela kumholi webandla, inkosi Mduduzi “Unyazilwezulu” Shembe.
Lokhu kuvezwe yimithombo engashayi eceleni kuleli bandla. Kuthiwa amaNazaretha angaphansi koNyazilwezulu akhala ezimathonsi njengoba engasakwazi ukufika kalula ukuyonikela kumholi ngenxa yokuthi kukhona okuthiwa bafuna intshontsho ukuze bawayise kumholi.
Kuthiwa uma ufuna ukuyonikela kuNyazilwezulu, kukhona abaqondisa olayini, abangayizwa nhlobo indaba yomuntu ofuna ukuyonikela kodwa ‘engaxoxanga’ nabo eceleni.
Ngokwemithombo yangaphakathi kuthiwa uma ungalikhiphanga intshontsho uyizwa ngendaba eyokufika eduze koNyazilwezulu, futhi uphinda nawo emuva umnikelo wakho uma ungagwazi kubashumayeli abasuke beqondisa ulayini wokuyonikela.
“Bahafana kabuhlungu abananhliziyo futhi abancengi muntu. Uma ungabagwazele, uma kulayini uze uthathe isinqumo sokuduba uhambe. Ogwazile ususwa ngisho esemuva kulayini anidlule nonke angeniswe ngaphakathi ayonikela.
“Uma uzimisele ngempela ngokuyonikela, kuyaphoqa ukuthi uxoxe nabo labashumayeli abaqondisa ulayini eceleni, bese kubakhona obanika khona bese uyadluliswa.
“Nemali okugwazwa ngayo ayincane ngoba uma ukhipha u-R50 kuvele kuthiwe unesikhathi sokudlala, kuthathwe abantu abakhiphe imali ngempela.
“Kukhona abagwaza kuze kufike naku-R1000 umuntu ngamunye bese beyadluliswa, baye konikela,” kusho umthombo.
Kuthiwa ombona edluliswa abashumyeli abagade ulayini usuke usuwazi ukuthi useqondisile yingakho edluliswa.
Uqhuba umthombo uthe sekunesikhathi yenzeka lento, amaNazaretha awazi ukuthi azobikela bani ngoba laba abasuke bethatha intshontsho bayizethenjwa zoNyazilwezulu, futhi yibona abahlala behamba nalo.
Omunye umthombo uthe noma ingeyinhle lento eyenziwa yilaba abagwazisayo kodwa ubuye ubathethelele ngakolunye uhlangothi.
“Inkinga laba bantu abaholi. Banikwa u-R500 kuphela ngesonto ebandleni kuthiwe yimali yephalishi. ”Bangamadoda emizi yabo, akekho umuntu ongondla umndeni ngo-R500 wanele,” usho kanje.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe useke wayizwa eyokuthethiswa kwabantu kolayini uma bezonikela.
“Indlela okuthiwa benza ngayo laba abaqondisa ulayini ikhomba ukuthi banezinhliziyo ezilukhuni ngezinto ezishiwo ngabantu ngabo. Okokugwazisa bengingakakuzwa kona kodwa okokuthethiswa nokukhacwa kwabantu sengikutholile, yinto esisazoyibheka.
“Engingaluleka ngakho ukuthi abantu kumele baqonde ukuthi ngonjani umuntu okusuke kumele ahambe nomholi ngaso sonke isikhathi.
“Ngokwazi kwami abantu abasuke besondele kumholi abasuke befike ngenxa yokugula, bagcine sebesebenza eduze kwakhe ngoba basuke belashwa.
“Uma kuyiqiniso okushiwo abantu ngalaba okuthiwa bakhaca abantu, kungenzeka ukuthi bathathe isinqumo sokuhamba nomholi bengaguli, yingakho sekungathi bayagula ngoba akukho ukugula abalashwa khona,” kusho uMncwabe.
Kuthiwa kukhona nomfundisi oyibhadlazile eshumayela eBuhleni ngeledlule ukuthi abantu bayagwaziswa ukuthi bafinyelele kumholi.