INHLANGANO eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo emphakathini, iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, kayeneme neze ngokunyuswa kwemali-mboleko ngamanye amaphuzu angu-75 (basis points).
UMnuz Mervyn Abrahams obhekelele izinhlelo zale nhlangano, uthe iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb), ayibacabangeli neze abampofu.
“Kuyaphoxa ukuthi iSarb ibuye yanyusa imali-mboleko ngomunye u-75 basis points, ekubeni nasemhlanganweni wokugcina yayinyuse ngale mali. Abantu basaphefumula ngenxeba ngakho akufanele iSarb ilokhu inyusa imali-mboleko uma ithi ifuna ukuhlenga umnotho. Angiqondi nokuthi kungani beyinyusile imali-mboleko ngoba i-consumer price index, yehlile isuka ku-7.8% njengoba isiku-7.6%?” kusho u-Abrahams.
Lokhu kuzokwenza kungangeni imali emnothweni bese kuholela ekuweni komnotho.
Uthe ukunyuka kwemali-mboleko kuhlale kukubi ngoba kusho ukuthi abantu bazokhokha imali ethe xaxa ezikweletini zabo.
“Abantu bakuleli bathwele kanzima, abanye sebephila ngesikweletu ngenxa yokuthi amaholo awakwazi ukuqeda inyanga esekhona. Sebezokhokha imali ethe xaxa kuma-bond ezindlu, ezikweletini zezimoto kanjalo nakwezinye izimali abaziboleke emabhange nezinye izikweletu. Ngeke basale nemali yokwenza ezinye izinto. ISarb ayibacabangeli nje abampofu, iyangicika ngalo mqondo walo,” kusho u-Abrahams.
Umphathi we-Sarb, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe amalungu amathathu avotele ukuthi kunyuswe imali-mboleko ngo-75 basis points kanti amabili ebefuna inyuswe ngo-100 basis points.
Lokhu kusho ukuthi i-repo rate okuyimali ekhokhwa ngamabhange uma ebolekele kwiSarb isiwu-6.25% kanti i-prime lending rate okuyinzalo ekhokhiswa ngabantu uma beboleke imali emabhange isiwu-9.75%.
UKganyago ukhale ngokuthi amandla emali awakabi sezingeni elikahle kanjalo nempi yeRussia ne-Ukraine, yenza kungabibikho uzinzo emnothweni womhlaba.
Uthe ukunqamuka kukagesi kwenza ukuthi umnotho wakuleli ungakhuli kahle njengoba belindele ukuthi ukhule ngo-1.9% usuka ku-2%, akade bewulindele ekuqaleni.