WEHLISE umthwalo komama basemakhaya abangasebenzi umsunguli weNdoni Mr Miss Cultural South Africa. U-Dkt Nomcebo Mthembu ongudokotela, odume ngezinhlelo zocansi, izolo uhambisele omama baKwaGengeshe eRichmond igilosa yenyanga yonke ngenhloso yokubalekelela emakhaya, kwazise iningi labo kalisebenzi.
U-Dkt Mthembu ubephelezelwa yizintombi nto nezinsizwa zeNdoni ezijabulisa umphakathi ngengoma nangamahubo esintu.
"Omama abaningi bashayeka kakhulu ngokubheduka kweCovid 19, baphelelwa nayimisebenzi. Indoni imayelana nakho ukuvuselelwa kobuntu, okuhambisana nokuthi kwelulwe isandla kwabantulayo," kusho uDkt Mthembu.
Yize umcimbi bewumukelisa omama kodwa obaba bawesekile okubalwa nabaholi bendawo.
Ngaphandle kokunikezela ngegilosa, uDkt Mthembu nezintombi zeNdoni baphinde baqhuba uhlelo lokweluleka intsha yasendaweni, ikakhulukazi izintombi nezinsizwa. Kwezinye zezinto abayalwe ngazo, ukubaluleka ngokuziphatha ngendlela, kugcizelelwa nendlela yokuziphatha kubafana nokubaluleka kokuthi bakwazi ukuvikela amantombazane.
U-Dkt Mthembu ugcizelele ukuthi intsha yakuleli iyadinga ukujwayezwa umkhuba wokuthi yelule isandla, isize abasuke besenkingeni ngezindlela eziningi.
Ukuba ingxenye yohlelo lweNdoni ngenye yezinto intsha ethi izibona izolekelela ngayo. UZibuyile Zibane, obe wuMiss Indoni 2021 wuyena obephethe uhlelo.
"Ngifike ngancela kakhulu ulwazi ngoba Indoni wumbele ogwansile. Ngokula eThekwini kuningi esigcina singakwazi ngesiko, indlela yokuziphatha namasiko ezinye izinhlanga. Umuntu omusha ngiyamkhuthaza ukuthi angene kwiNdoni. Sekuzoba nesikole esifundisa ngamasiko ezinhlanga zonke, "kusho uZibuyile. Izintombi nezinsizwa zijabulise omama ngengoma.