BATHI izobasiza ukuheha izivakashi zakwamanye amazwe osomabhizinisi abazohambela i-Africa’s Travel Indaba bemenywe yiDurban Tourism.
UNksz Zinhle Mqadi oyisikhulu esiphezulu sendawo yokudlela eseMlaza, iMax’s Lifestyle, utshele Isolezwe ukuthi bayajabula kakhulu ukuthi iDurban Tourism ibanike ithuba lokuyozikhangisa kwi-Africa’s Travel Indaba.
“I-Africa’s Travel Indaba wumbukiso omkhulu wezokuvakasha ohanjelwa ngabantu bamazwe aphesheya kwezilwandle, awalapha e-Afrika nabantu bakwezinye izifundazwe zakuleli. Uyithuba lokuzikhangisa nokwakha ubudlelwano obusha namabhizinisi ahlukene. Sihlezi sizuza uma kuyi-Africa’s Travel Indaba ngoba kunezivakashi eziza elokishini zizodla noma zenze eminye imicimbi,” kuchaza uNksz Mqadi.
Uthe lo mbukiso awugcini nje ngokugcwalisa amahhotela kodwa ungenisa imali kuwo wonke amabhizinisi ezokuvakasha eThekwini ngoba izivakashi ziyiswa kuwo wonke amakhona aleli dolobha.
Amazwi akhe ananelwe wuNksz Makhosazana Ngwenya wendawo yokuhlala izivakashi eKwaNgcolosi, iSilokazi.
UNksz Ngwenya uthe ukuya kwi-Africa’s Travel Indaba kuzobasiza ukuzikhangisa kubantu bamazwe ahlukene ngoba bahlale bezidinga izivakashi.
“I-Africa’s Travel Indaba izoqinisekisa ukuthi sihlale sinezivakashi ngoba njengoba sizobe sizikhangisa ngaphansi kweDurban Tourism, izivakashi zizohlale zisikhumbula. Sizokwazi ukukhombisa abantu ubuntu esinabo nobuhle bemvelo bale ndawo yethu,” kusho uNksz Ngwenya.
I-Africa’s Travel Indaba izoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) kusukela namhlanje kuya ngoLwesine.
Izohanjelwa ngabantu abangaphezu kuka-9 000 kanti kuphakathi kuka-85% no-95% ukugcwala kwamahhotela aseThekwini njengoba kunalo mbukiso.
Kulindeleke ukuthi ingenise uR439 million emnothweni weTheku, idale amathuba omsebenzi awu-796.