ABAMANGALELWA ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa bathi bazoyeka ukuya enkantolo ngoba abakwazi ukugeza ejele ngoba bageziswa ngamanzi abandayo njengoba kubanda nje.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Kusafakaza uNksz Pinky Vythilingham osebenzela iVodacom nowethula ubufakazi bokuxhumana ngamaselula abamangalelwa.
U-Advocate Charles Mnisi wethule isikhalo sekhasimende lakhe eliwummangalelwa wesithathu uMnuz Mthobisi Mncube. UMnisi uthe kunenkinga yamanzi ashisayo angaphumi ejele eKgosi Mampuru II nokuthwalisa kanzima ikhasimende lakhe.
“Akakwazi ukugeza ekuseni ngoba uhlala egumbini elinamanzi abandayo selokhu kuqale ubusika. Akaze ageze kusukela ngoLwesine ngoba kumakhaza kakhulu,’’ kusho uMnisi.
Ubalule namanye amaphuzu athe uMncube ukhala ngawo, afisa alungiswe.
“Selokhu avalelwa egumbini lakhe yedwa lapha eC-Max akakwazi nokushayela umndeni ucingo, akunathelevishini, akaxoxi namuntu. Izikhulu zejele zithi ugcinwe kanjalo ngenxa yokuthi uwummangalelwa kuleli cala,’’ kusho uMnisi.
Uthe ikhasimende lakhe selihlale egunjini lalo lodwa iminyaka emine nokuyinto ebukeka iwukujezisa ngaphandle kokutholwa enecala.
Uveze nokuthi ikhasimende lakhe linendawo elalimala kuyona kudala esebuhlungu namanje futhi lidinga usizo lwezempilo. Uthe ikhasimende lakhe lisola ukuthi ukugeza ngamanzi abandayo kuvusa izinhlungu lapha lalimala khona.
UMnisi uthe ucela kubizwe isikhulu sejele sizochazela inkantolo ngoba uke wakhuluma naso kodwa asisazibambi izingcingo zakhe.
Kuthe kusabhekwe lokho kwasukuma u-Advocate Zandile Mshololo omele ummangalelwa wesihlanu uMnuz Fisokuhle Ntuli, naye ekhala esifanayo.
“Ikhasimende lami uNtuli lihlala ejele elifanayo, nalo likhala ngawo amanzi abandayo futhi lingase lingezi enkantolo ngoba alikwazi ukugeza,’’ kusho u-Advocate Mshololo.
UMshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi uthe bayaqala ukuzwa ngalesi sikhalo kodwa bazojuba ithimba labaphenyi becala balulungise lolu daba.
IJaji Ratha Mokgotlheng liyalele uBaloyi ukuthi aqinisekise ukuthi lolu daba luyalungiswa.