INHLANGANO yabahwebi abazimele igqugquzela wonke umuntu ukuthi aphawule ngomthetho ohlongozwayo ozovimbela abadayisa ugwayi ukuthi bakhangise ngawo.
Abafisa ukuphawula ngomthethosivivinywa obizwa ngeTobacco Products and Electronic Delivery Systems Control Bill, kufanele benze lokhu ungakadluli uSepthemba 4.
Ekuqaleni ukuphawula ngomthetho bekuzovalwa ngoLwesihlanu olwedlule kodwa emuva kokuthi izinhlangano ezihlukene zizwakalise ukungenami kwazo, iPhalamende lithe lizolula isikhathi sokuphawula.
USihlalo wekomidi lezeMpilo ePhalamende, uDkt Kenneth Jacobs, uthe bathole izicelo zokuthi kululwe isikhathi sokuphawula ngalo mthetho ngakho bakhethe ukulalela abantu njengoba sesiluliwe isikhathi.
UMengameli weNational Informal Traders Alliance of South Africa, uNkk Rosheda Muller, uthe uma umthethosivivinywa uphasa kuyosho ukulamba kubahwebi basemgwaqweni ngoba ugwayi ubangenisela imali.
Uveze ukuthi ngaphansi kweTobacco Products and Electronic Delivery Systems Control Bill, abahwebi abavumelekile ukukhangisa ugwayi.
“Ugwayi ungenisa imali esheshayo kubahwebi. Isibonelo nje, ngisho umuntu edayisa izithelo namaveji emgwaqweni, uye abeke ibhokisi likagwayi nomthentshisi bese abadlulayo bethenga ugwayi, babheme. Leyo mali ingena ngokushesha ukuze naye akwazi ukulala edlile,” kuchaza uNkk Muller.
Uthe bayajabula ukuthi iPhalamende likuzwile ukukhala kwabo, wase ecela abahwebi ukuthi baphawule ngomthetho bazwakalise ukuthi ukuphasa komthetho kuzobaphuca iqatha emlonyeni.
Uveze ukuthi abahwebi abazimele abafani nezitolo ezinkulu ezizokwazi ukuthi noma zingawukhangisi ugwayi kodwa abantu bakwazi ukuyowuthenga ngoba sebeyazi vele uhlala kumaphi amashalofu.
Ukhale ngokuthi abahwebi abanawo amashalofi abangawubeka khona ugwayi kodwa bawuphatha ngesandla noma bawubeke phezu kwamatafula emgwaqweni nasezitolo zabo ezincane (tuck shop).
Ubuye waveza ukuthi bafuna ukuphawula ngalo mthetho ozovalela abahwebi iminyaka ewu-10 ejele uma betholakale bekhangisa ngogwayi.
Uthe abahwebi ngabantu abeza neqhinga lokuziphilisa ezweni elinesibalo esiphezulu sabangasebenzi ngakho akufanele uhulumeni eze nemithetho ebacindezelayo.
“Ekuqaleni besicele ukuthi uhulumeni asinike isikhathi esanele sokuthi sithumele imibono yethu ngalo mthetho awuhlongozayo. Siyabonga ukuthi usilulile isikhathi sokuphawula ngoba asinawo ama-wifi thina, asikwazi ukuhlala emadeskini sibhale ama-email ngakho siye sihlangane singabahwebi uma sesiqede ukusebenza. Sizokwazi manje ukuthi sibhale umqulu esizowuthumela ePhalamende. Sicela nabanye abahwebi nabantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathumele imibono yabo,” kusho uNkk Muller.
Uphethe ngokuthi ufuna abahwebi baqhubeke nokuzidayisela amaluzi bakwazi ukuziphilisa.