UXAMU ugeje umgodi emalungwini oMkhonto weSizwe abecuthele uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, obekumenyezelwe ukuthi uzokhankasa ezindaweni ezakhele iTheku.
Amalungu oMkhonto weSizwe ambiswe iqanda lenjelwane ngesikhathi uMbalula ehoxa ngemizuzu yokugcina ezinhlelweni zakhe zokuhambela eTshelimnyama naseMpola.
La malungu abe nomkhankaso wokuzibonakalisa ebantwini eduze nalapho obekuzohambela khona uMbalula, elokhu ecula izingoma zomzabalazo eceleni komgwaqo.
Bekuthi uma kudlula izimoto ezinamalungu e-ANC acule kakhulu izingoma egxibha uhulumeni ophethe.
Kube nokudideka kula malungu engamboni uMbalula.
Kuzwakale omunye umholi we-MK etshela amalungu ukuthi aqhubeke nokucula kuze kuba kudlula ubuholi be-ANC, obugcine bungabonakalanga.
“Maqabane, lawa kusengamavolontiya. Asiqhubeke sicule, abaholi babo abakadluli.”
Bekuhlelwe ukuthi uMbalula ahambe enxenxa abantu baseTshelimnyama naseMpola ukuba bahambele umcimbi wokwethulwa komqulu wezethembiso ozokuba seMoses Mabhida ngoMgqibelo.
Isolezwe lithole ukuthi uMbalula uphuthume eGoli izolo kanti bekulindelwe ukuba abuyele eThekwini khona izolo ntambama.
Bekuhlelwe ukuthi abe nomhlangano womphakathi eBhekokuhle, KwaNdengezi.
UMnuz Qiniso Cibane, wophiko lwentsha lwe-MK, uthe bebengahlosile ukuzophazamisa uMbalula.
“Thina njengamalungu oMkhonto weSizwe asizona izixhwanguxhwangu. Angeke sizibekezelele izixhwanguxhwangu ngoba umengameli wasiyala kakhulu ngokuziphatha. Njengoba silapha asizile ukuzophazamisa uhlelo lukaMbalula. Thina uMbalula sizomshaya okhethweni, angeke simshaye la. Ungubaba, ngakho-ke angeke simenze lutho la, sizomnabisa okhethweni.”
Amalungu e-ANC abengazibekile phansi eqhubeka nomkhankaso wawo, elokhu edlula phambi kwaboMkhonto weSizwe.
Nakwezinye izindawo abaholi be-ANC bebehamba benxenxa abantu ukuthi bahambele umcimbi wangoMgqibelo.
USihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Gwede Mantashe, ubekhankasa KwaMashu.
IPhini likaNobhala Jikelele, uNkk Nomvula Mokonyane, yena ubekhankasa esifunda iTolomani Mnyayiza, oGwini.