UHLALE lacishe lashona ilanga umphakathi wasoSindisweni, Ogunjini, obumasha emgwaqweni omkhulu wakule ndawo, izolo, uthi usukhathele ukungabi nawo amanzi.
Amalungu omphakathi akule ndawo avuke kusempondo zankomo avala umgwaqo okuholele ukuthi kuphazamiseke ukuhamba emgwaqweni omkhulu osuka eVerulam uya Osindisweni.
Elinye lamalungu omphakathi ebeliyingxenye yabebemasha lithe sekuphele iminyaka eyisikhombisa umphakathi wakule ndawo uphila ngokulethelwa imoto amanzi kwesinye isikhathi nayo ingafiki.
"Kule ndawo kunamathange amakhulu amane agcina amanzi. Kula mathange siye sibone amanzi exhaxhaza ebusuku nasemini kodwa uma sithi siyabuza kubaphathi bophiko lwamanzi kuthiwa amanzi awekho," kusho ilungu lomphakathi.
Lithe ngoFebhuwari, nonyaka, umphakathi ube nomhlangano nophiko lwamanzi kuMasipala weTheku, ufuna ukuqonda ukuthi kwenziwa yini ukuthi kuthiwe amanzi awekho ekubeni bewabona emfimfa emapayipini?
"Sitshelwe ukuthi amakhompyutha aveza ukuthi amanzi awekho. Sabatshela ukuthi akulona iqiniso lokho ngoba siyawabona emfimfa. Kwavunyelwana ukuthi kuzolethwa ithimba eliphuma kulolu phiko lizovula amabhawodi amapayipi avalekile ukuze injini ikwazi ukudonsa amanzi bese engena emathangeni aye emphakathini.
“Kuthe uma kufika isikhathi okwakuvunyelenwe ngaso kwafika ithimba elithi lizovala amapayipi avuzayo. Sabuza ukuthi avuza kanjani amanzi ngoba bona bathi ngokwekhompyutha, amanzi awekho manje bazokhandani?"
Ilungu lomphakathi liqhube lathi kwafika omunye umphathi walolu phiko, hhayi owayebathembise ukuthi kuzovulwa amabhawodi. Wathembisa ukuthi uzolulungisa lolu daba ezinsukwini ezinhlanu. Wathi akuvulwe iWhatsApp Group okuzoxoxwa kuyo kodwa kwabonakala esephuma engashongo lutho kuwo (WhatsApp).
"Sivuke kusampondo zankomo, sizimisele ukulala la, uma singayitholi impendulo kodwa sesiyethemba ngoba abophiko lwamanzi sebefikile bawavula amabhawodi. Manje amanzi aseyangena ethangeni, siyawabona," kusho yena.
IKhansela uNkosiyezwe Mhlongo, lithe inkinga yamanzi kule ndawo idalwa ukuthi amapayipi ahambisa amanzi emphakathini akakwazi ukuhambisa umthamo omkhulu wamanzi okuholela ekutheni abanye abantu bangawatholi.
"Njengamanje kunosonkontileka osebenzayo ofaka amapayipi amakhulu. Inkinga yesibili; ukuthi kunamabhowodi avalekile okwenza ukuthi injini ingakwazi ukudonsa amanzi iwafake emathangeni.
“Ithimba elifike namhlanje seliwavulile lawo mabhawodi kodwa akuwona wonke umphakathi ozowathola amanzi kuze kube kufakwa amapayipi amumatha amanzi amaningi okuzophothulwa ngo-Okthoba," kusho uMhlongo.
Omunye wamalungu omphakathi ongathandanga ukudalulwa, uthe imashi ibinokuthula kodwa amaphoyisa angawokudabuka eNdiya ayizakhamuzi zakuleli, akhombise isihluku emphakathini ngoba afike abadubula ngezinhlamvu zenjoloba ekubeni bengalwi.
"Asazi noma lokhu kwenziwa ukuthi osonkontikela abathola amathenda okusilethela amanzi abamaNdiya yini, manje sishayelwa ukuthi siwaqedela umsebenzi," kusho leli lungu.
UConstable Thenjiswa Ngcobo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuthunyelwe uphiko olubhekelele udlame emphakathini ukuthi luhlakaze isixuku kodwa akulimalanga muntu futhi akekho oboshiwe.