ULWAZI oluqukethwe yifilimu, iSisters Of The Wilderness, ebukiswe abafundi baKwaMiya Primary eMazizini, itshale ukwazi mayelana nokubaluleka kokunakekelwa kwemvelo.
Le filimu, ebukiswe abafundi besikole esakhele izintaba zoKhahlamba, okungenye yezindawo zokungcebeleka ezihamba phambili KwaZuluNatal, ixoxa ngokongiwa kwemvelo.
Yethulwe kubafundi yinkampani yezokungcebeleka, iGlampling Adventures, ngokubambisana nabezeMvelo KZN Wildlife.
Uthishanhloko wesikole, uMnuz Thuthukani Marhwa, uthe akungatshazwa ukuthi ukudluliselwa kolwazi lwezemvelo ngefilimu kubalulekile kubafundi bakule ndawo.
Uthe ukubukisa abantwana babo ifilimu kubalulekile ngoba isikole sabo sakhelene nendawo yokungcebeleka, iRoyal Natal National Park.
“Le ndawo iphethe ezokuvakasha kwezemvelo. Siba nenqwaba yezivakashi ezihambela indawo yethu zizobona imvelo ngakho kubalulekile ukuthi abantwana bethu bafundiswe ngokubaluleka kokungayicekeli phansi. Bafundiswe nakabanzi ngokuthi kufanele bayonge kanjani,” kusho uMarhwa.
Wenze isicelo sokuthi njengoba sekuqalile ukulethwa kolwazi olufundisa ngezemvelo, kungabe kusama ngoba lokhu kuyivangeli okufanele lilokhu lishunyayelwe njalo emphakathini wakule ndawo.
Umfundi kaGrade 7 kulesi sikole, uSanele Mlambo, uthe bajabule ukuthi babukiswe ifilimu emayelana nokongiwa kwemvelo.
“Sithe uma sizalwa sezwa ngendaba ukuthi kwakukhona izilwane okwakuthiwa amadinosaur eminyakeni eminingi edlule. Asikwazanga ukuzibona ngamehlo. Kungenzeka ukuthi lokho kwadalwa ukuthi kukhona okuthile okwenziwa ngabantu bangaleso sikhathi okungalungile, okwaholela ekutheni aphele nya amadinosaur,” kusho uSanele.
Wenze isibonelo ngesihlava esikhona esikhathini samanje sokubulawa kobhejane, wathi uma abantu beqhubeka nokungafundiseki, nabo obhejane kuyophela ngabo njengamadinosaur.
“Bese isizukulwane esizayo singabe sisakwazi ukubona obhejane njengoba nathi singasawabonanga amadinosaur,” kusho yena.
Ukubukwa kwefilimu akugcinanga esikoleni kuphela njengoba kuqhubeke emphakathini ngeSonto.
I-Glamping Adventures nabezeMvelo babuye banikela ngezihlahla zomkhoba, okuwuhlobo lwezihlahla oluthathwa njengeziyigugu eNingizimu Afrika.
Ngale kwalokho babuye banikezela ngopende wokupenda inkantolo yenkosi yesizwe samaZizi, umsebenzi wokupenda uqale izolo.
Umsunguli weGlampling Adventures, uNksz Gugu Sithole, uthe isizathu esiholele ekutheni balethe lolu hlobo losizo emphakathini wubudlelwano asebebakhile kusukela beqala ukuletha izivakashi ezintabeni zoKhahlamba ngo-2019.
“I-Sisters Of The Wilderness ifundisa izingane ukuthi ziyiphathe kanjani imvelo, ukuyivikela nokubaluleka kwayo empilweni yethu,” kusho uNksz Sithole.
Uthe iNingizimu Afrika iphila esikhathini lapho isizibonela ngamehlo imiphumela emibi yokufudumala komhlaba.
“Ngakho kubalulekile ukuthi thina njengabantu abakwezokungcebeleka singagcini nje ngokujabulela ukuhambe sibuka izindawo kodwa siphinde sibuyisele emphakathini ngokuthi siwunike ulwazi okudingeka ulwazi ngezemvelo, siphinde silule isandla lapho okufanele silule isandla khona,” kusho uNksz Sithole.