INHLANGANO eyenza ucwaningo ngokubiza kwegilosa, nesimo senhlalo iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group (Pmbejd) iphakamisa ukuthi inyuswe ngo-11.2% iNational minimum wage (Nmw).
I-Nmw, yimali eholwa ngabasebenzi abathathwa njengabahola kancane kunabo bonke ezweni, okubalwa abasebenzi abangenawo amakhono athile emafemini, abasebenza emaplazini, nabasezindlini.
UMnuz Mervyn Abrahams, obhekelele ukusebenza kwePmbejd, uthe bathumele isiphakamiso kuSihlalo wekhomishana yeNmw, uSolwazi Adriaan van der Walt, bechaza ukuthi abasebenzi bayasindwa ngenxa yokubiza kwezidingo zempilo.
“Sifisa ukuthi okungenani iNwm inyuke ngo-11.2% ukuze abasebenzi bathole uR28.27 ngehora okuzoba wuR226.18 ngosuku, uma besebenze amahora ayisishiyagalombili. Kumanje abasebenzi abahola ngohlelo lweNmw bathola uR25.42 ngehora okuba wuR203.36, uma besebenze amahora ayisishiyagalombili. Ikhomishana yeNmw inyusa imali ngephesenti elithile ibe isifaka namandla emali. Sifisa lelo phesenti libe wu-11.2%,” kuchaza u-Abrahams.
Uqhube wathi imali ngeke yenze umehluko otheni kwabasebenzayo ngoba ucwaningo lwabo luveza ukuthi yize inmw iwuR4 473.92 kepha ayizanele izindleko zabasebenzi.
Ubalule ukuthi ngenyanga abasebenzi basebenzisa uR1 555.33 uma beya emsebenzini, bathenge ugesi wekhadi kaR867.11, bachithe uR3 564.19 ngokuthenga igilosa yamalungu amane omndeni.
Lokhu kubeka izindleko zabo kuR5 986,64 ngenyanga okuyimali edlula umholo wabo.
Uqhube wathi bathwala kakhulu abanemindeni enamalungu amaningi ngoba igilosa yomndeni ibiza uR5 324.86.
Ngokusho kuka-Abrahams, ucwaningo luveze ukuthi ukudla kuyaqhubeka nokubiza ngokweqile wathi irayisi, ushukela omhlophe, amazambane, inyama yenkomo, eyenkukhu, impuphu kumba eqolo.
Kubiza ngisho ufishi osethinini ngoba ukhuphuke ngo-2% kule nyanga.
“Ucwaningo lwethu silwenza ebantwini besifazane ngoba yibona abathenga igilosa yemindeni yabo. Basitshele ukuthi badlala izitokofela ukuze ngoJanuwari, bezokwazi ukusebenzisa imali yesibonelelo sezingane ukuthenga umfaniswano wesikole,” kuchaza u-Abrahams.
Wathi okubuhlungu wukuthi bahola uR510 ngengane eyodwa, ekubeni ukudla okunomsoco kwengane kubiza uR953.75.
Uqhube wathi uma bebheka umfaniswano wesikole nawo uyabiza ngoba ipheya lezicathulo eziqinile libiza uR320 kuya kuR350. Wathi abazali abaciciyelayo bathenga izicathulo zesikole ezibiza uR130 kuya kuR149.99.
U-Abrahams wengeze ngokuthi “Siyafisa ukuthi uhulumeni abahlangabeze laba bazali uma kuvulwa izikole ngokuthi afake uchatha emalini yesibonelelo sezingane.”
Uphethe ngokuthi bazoqhubeka nokukhankasela ukuthi kunyuswe izibonelelo ngoba umnotho wakuleli ungakwazi ukudala imisebenzi ezokwenela bonke abathwele kanzima.