UZIBUZA uyaziphendula ukuthi kwenzekani ngosuku lwesehlo udadewabo wowesifazane oboshelwe icala lokubulala indodakazi yakhe eyayineminyaka engu-14 emzini okwa-D KwaMashu.
Owesifazane, ongathandanga ukuthi kudalulwe igama lakhe, usho kanje emuva kokuvela kukaNksz Ncamisile Hlophe (43) eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu.
Usolwa ngokubulala uLuvuyo Tafadzwe Bera isidumbu sakhe esasinamanxeba amathathu okushaywa ngento ethile esiphundu futhi sinezibazi zokuklinywa.
Wanqatshelwa ibheyili ngo-Agasti imantshi yakhala ngendlela enesihluku okwabulawa ngayo umufi owayehlala nomsolwa.
“Asazi nathi ukuthi kwenzekani ngoba babehlala bobabili ekhaya. Asikholwa namanje ukuthi uyena oboshelwe leli cala ngoba asimazi engumuntu ongenza into efana nalena aboshelwe yona,” kusho udadewabo kamsolwa.
Uveze ukuthi umufi uhlale okokuqala nonina ngonyaka odlule emuva kweminyaka elishumi ekade ehlala noyise eGauteng.
Uthe ngeke aphawule ngokuthi bebunjani ubudlelwano bengane nonina ngoba ubengahlali nabo.
“Sisamangele nathi ukuthi kwakwenzenjani? Asazi noma baxabana noma wayekade engenwe okuthile (umsolwa). Njengoba siza lapha enkantolo yingoba sifuna ukuthola izimpendulo,” kusho owesifazane obephathele umsolwa okuya ethunjini.
Phambilini evela enkantolo umsolwa, omakhelwane bakhe bathi abamazi enjena, bebemazi engumuntu olungile ngakho kumele akhulume iqiniso ukuthi kwenzekani.
Uyise wengane ubekhona enkantolo izolo ehamba nowesifazane obefake indandatho. Laba ababili bahlale ngokwehlukana enkantolo nodadewabo kamsolwa.
Ngenxa yokuphuthuma owesilisa akakwazanga ukukhuluma nentatheli wacela ukuthi imshayele ucingo.
Kuthe uma ethintwa ngocingo wacela ukuba abuye afonelwe.
Kuthiwa ngoJulayi 22 nonyaka umsolwa watshela amaphoyisa ukuthi umufi waphuza amaphilisi ekhanda wawa phansi esuka embhedeni ayelele kuwona.
Kodwa emuva kokuhlolwa kwesidumbu kwabe sekuvulwa icala lokubulala sekutholakele ukuthi umufi akazishonelanga.
Icala lihlehlele u-Okthoba 8 nonyaka ngenxa yokuthi kalifikanga enkantolo idokodo. Kuvele nokuthi icala liphenywa abaseshi ezingeni lesifundazwe.