IPHINI likaMengameli we-Azanian People’s Organisation (Azapo), uNkk Kekeletso Makhena, liphakamise ukuthi lifuna bonke ababandlulula ngokwebala ukuba bakhishwe eNingizimu Afrika.
UNkk Makhena ubekhuluma ngesikhathi amalungu e-Azapo emasha ngaphandle kwendawo abakholwa wukuthi kusebenza kuyo uNkk Belinda Magor, osolwa ngokuphehla udlame emphakathini ngenkulumo enokucwasa okuthiwa uyenze enkundleni iWhatsApp, egcine isisabalele.
UNkk Magor uchithe ubusuku ejele ngempelasonto kulandela ukuboshwa kwakhe mayelana necala lokucwasa, elivulwe wuNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi kanti ne-Azapo isivule icala lokuphehla udweshu nokugqugquzela ukubulawa kwesizwe esimnyama, esiteshini samaphoyisa eKrugersdorp.
Usolwa ngokukhombisa inzondo ebantwini abamnyama kulandela inkulumo esisabalele lapho ezwakala khona ethi kunokuthi kubulawe izinja ezingama-pitbull, makubulawe abantu abamnyama.
UNkk Magor osebenza njengomgcini-mabhuku, kuthiwa uthe izilwane zingcono kunabantu abamnyama ngoba bangababulali, abadlwenguli namasela.
“Stella, ngiyavumelana nawe. Ngithi akudingiswe abamnyama. Bayadlwengula, bayantshontsha, bayabulala, badlebelekile kunama-pit bull. Makudingiswe abenza imithetho, akudingiswe i-Ekurhuleni, akudingiswe umuntu omnyama,” kusho uNkk Magor.
Uqhubekile wathi akuthathwe bonke abesifazane bakhishwe izibeletho ukuze bengezukuzala ababulali nabadlwenguli ngoba bonke bayafana, wathi ababulawe.
“Izilwane zinhle, zidinga umbhede ofudumele, ukudla, uthando nokunakekela. UNkulunkulu wadala izilwane. Ngubani owadala umuntu omnyama, ucabanga ukuthi uNkulunkulu? Angicabangi kanjalo,” usho kanje enkulumeni eqoshiwe.
UNkk Makhena uthe uma isigameko esinjengalesi siphinda senzeka kuleli, bayomfuna baze bamthole, baphinde benze isiqiniseko sokuthi loyo obandlululayo uyadingiswa kuleli.
“Sifuna ukuthi bahambe ababandlululayo, kabanandawo kuleli futhi sifuna bazi ukuthi yizwe lethu leli, basithola silana. Uma bengasifuni, kuzomele baphume kuleli. Bantshontsha izwe lethu, bathatha nomcebo wethu, manje sebesiphatha kanje,” kusho uNkk Makhena.
Uthe bakholwa wukuthi imashi yabo ikwazile ukudlulisa umyalezo obalulekile wokuthi ababandlululi kabanandawo kuleli.
“Abantu badiniwe ngoba usiphathe kabi kakhulu. Esikufunayo wukuthi umthetho uthathe indawo yawo,” kusho uNkk Makhena.