IZINHLANGANO ezilwela amalungelo abesifazane zithi sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni wakuleli akhiphe amaqakelo amahhala njengoba kwenziwa ngamakhondomu.
Lezi zihlangano ezingu-28 bezimasha ePitoli naseCape Town, ngoLwesihlanu, zithi kuyamangaza ukuthi ngo-2022, kusenamantombazane okuphoqeleka ukuthi angayi esikoleni ngezinsuku zawo zokuya esikhathini ngoba eswele amaqakelo.
UNksz Nokuzola Ndwandwe, ongumsunguli wale mashi nomsungunguli wenhlangano iTeam Free Sanitary Pads, ubehola ebebemasha besuka e-Union Building, beya emahhovisi oMnyango wabesiFazane, iziNgane nabaKhubazekile.
Uthe okwamanje awukabi khona umthetho oshaywe wuhulumeni kazwelonke olawula izifundazwe ukuthi zizilawule kanjani ezempilo ezithinta ukuya esikhathini nenhlanzeko yabesifazane, ngakho izifundazwe ziyazicabangela ukuthi kumele zenze ziphi izinhlelo.
"Kubaluleke ukuthi kube nomthetho olawula ezempilo ezithinta ukuya esikhathini nenhlanzeko yabesifazane kuzwelonke nasezifundazweni,“ kusho uNksz Ndwandwe.
Umsunguli wenhlangano iFemConnect, uNksz Asonele Kotu, uthe ukungabhekelelwa kwelungelo lenhlazeko yabesifazane kwenza ukuthi abesifazane babe nokuzenyeza ngoba amakhaya amaningi antulayo, awakwazi ukuthengela amantombazane amaqakelo ngoba awanayo imali.
"Amantombazane aphuma emindenini eswele aze azizwe sengathi kuyihlazo ukuya esikhathini kanti ukuya esikhathini kuyinto eyimvelo umuntu wesifazane angakwazi ukuyilawula futhi okungamele aze azenyeze ngenxa yayo," kusho uNksz Kotu.
Okwamanje lukhona uhlelo lukahulumeni oluqhubekayo oluzosiza ekutheni abesifazane bathole amaqakelo kodwa awakabi mahhala.
UNgqongqoshe womnyango, uNkk Maite Nkoane-Mashabane, ngesikhathi ethula inkulumo yokuvulwa kwenyanga yabesifazane eThekwini, kule nyanga, uthe abakaphumeleli ekutheni amaqakelo abe mahhala kodwa abakhiqizi bawo bavumile ukuthi ngeke besayifaka intela yentengo, iVAT, kuwo.
UNksz Kotu uthe bayajabula ukuthi kukhona okwenziwayo kodwa akwanele ngoba ngesikhathi kusalindiwe impilo yamantombazane azalwa emindenini entulayo isengcupheni njengoba ephoqeleka ukuthi asebenzise izinto eziyingozi kuzo okubalwa namahlamvu namagxolo ezihlahla ngoba engenawo amaqakelo.
Uhla lwezikhalazo eGauteng, lwemukelwe uNkk Welhemina Tshabalala oyisikhulu eMnyangweni wabesiFazane, iziNgane nabaKhubazekile eHhovisi likaMengameli wezwe.