BAFUNA anikwe isigwebo esinzima umfundisi waseLuvisi, eNquthu, osolwa ngokudlwengula izingane ezincane.
Kuthiwa lo mfundisi usolwa ngokudlwengula izingane ezevile ku-13 ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-14. Kuthiwa ezinye ubebuye azinukumezengokocansi.
Omunye wabazali Isolezwe elingeke limdalule igama ukuvikela abagilwa, uthe ayikho into emhlukumeze njengesenzo sikamsolwa.
“Lo muntu njengoba esephinde eboshwa manje akukhona okokuqala. Uke waboshwa ngo-2016, eboshelwa ukunukubeza izingane ezimbili. Ngaleso sikhathi abagilwa babeneminyaka eyisihlanu neyisithupha,” kusho umzali.
Uthi nangaleso sikhathi yize kwakungene icala lezingane ezimbili enkantolo kodwa ziningi ezinye endaweni okuthiwa wayezinukubezile.
“Lelo cala lahoxiswa ngo-2018, kwathiwa ubufakazi kabenele ngoba ubufakazi izingane ezazibubhale phansi ngenkathi kuthathwa izitatimende ngo-2016 nalobo ezase zibusho enkantolo, base bungasafani ncamashi,” kusho umzali.
Amacala okuthiwa useboshelwe wona njengamanje kuthiwa ngawenze phakathi kuka-2021 noSepthemba 18, 2022.
Uphinde waveza nokuthi bewumphakathi lwabaphoxa kakhulu udaba lukamfundisi ngoba uwumuntu obukeka ethobekile emphakathini.
Uthi okunye abebekucabanga abantu bendawo wukuthi izingane zimkhonzile ngoba unenhliziyo enhle kanti akunjalo, lokho kuyindlela yakhe ayisebenzisayo ukuziyengela eduze ukuze azinukubeze.
UNobhala weSanco eZululand ongomunye wezishoshovu ezihamba phambili ekutheni abagilwa bathole ubulungiswa, uMnuz Zipho Zwane, uthe bafuna ukuthi kulokhu abagilwa babuthole ubulungiswa.
“Masha wonke lawa macala abhekene nawo. Lokho kusho into eyodwa, ukuthi akazange asifunde nhlobo isifundo ngesikhathi eboshwa ngo-2016, ngoba nangu ephinda enza amacala afanayo namanje,” kusho uZwane.
Uthe ukube kuya ngabo ngabe leli cala lishintsha ngisho inkantolo elithethwa kuyo ngoba namanje kabanazo izimpendulo zokuthi kungani nelasekuqaleni laba yinto ephelela emoyeni?
Uveze ukuthi kukhona ukubambisana okukhona phakathi kwamalungu omphakathi nosonhlalakahle bendawo, ababambe umbhikisho ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi evela ngoLwesihlanu. Ababhikishi kuthiwa bebephikisana nokuthi umsolwa anikwe ibheyili.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe bafuna umsolwa anikwe isigwebo esinzima.
UNkk Khoza uveze ukuthi umsolwa ubeyenga izingane ngokuzibukisa opopayi kwakhe bese ekugcineni azidlalele ama-video emikhuba bese ezinukubeza.
Uthe ithumba libhoboke emuva kokuthi oyedwa wabagilwa esho kunina ukuthi umfundisi uyabanukubeza.
“Lo mfana ukhiphe nolwazi lokuthi kukhona nabanyeabagilwa abangu-11 umsolwa abenza okufanayo,” kusho uNkk Khoza.
Uthe unina kamgilwa uqinisekise lolu lwazi nabanye abagilwa ngaphambi kokuthi abike udaba emaphoyiseni.
“Kuyathusa ukuthi indoda ethenjwayo emphakathini ikhethe ukukusebenzisa ngendlela embi ukuthenjwa kwayo. Kusithikameze kakhulu ukuzwa ukuthi umuntu okufanele ngabe ulekelela abazali ekutheni bakhulise ngendlela izingane zabo, nguye otholakala enza amacala amabi ngangaka emphakathini,” kusho uNkk Khoza.
“Sinxusa umphakathi ukuthi ubambisane ukweseka abagilwa, ukuze kuzoba necala eliqinile enkantolo ukuze umsolwa bhadle ejele,” kusho uNkk Khoza.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk NatashaRamkisson-Kara ukuqinisekisile ukuthi umsolwa oneminyaka engu-55 uvelile eNkantolo yesiFunda yaseNquthu, ngamacala okudlwengula nokunukumeza ngokocansi.
“Ubhekene namacala ayisihlanu okudlwengula namathathu okunukubeza ngokocansi. Abagilwa bangabafana namantombazane kanti baneminyaka ephakathi kweyisishiyagalolunye nengu-14,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe umsolwa usilaxazile isicelo sakhe sebheyili kanti icala lihlehliselwe u-Okthoba 14.