BACOBELELANE ngamaqhinga okugqugquzela abafundi bamabanga aphansi ukuthi bathande ukufunda emcimbini wenhlangano engenzi nzuzo i-Umlambo Foundation eyasungulwa ngowayeyisekela likamengameli kuleli uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka, eThekwini.
Ekhuluma kulo mcimbi, uDkt Mlambo-Ngcuka uthe injongo yenhlangano yakhe ukulekelela uhulumeni ekubhekaneni nenkinga yabafundi abangakwazi ukufundela ukuqonda.
Uphinde wacaphuna umbiko wocwaningo lwe-International Reading Literacy Study (Pirls) okhishwe ngoMeyi 2023, luveza ukuthi u-81% wabafundi bakaGrade 4 abakwazi ukufundela ukuqonda noma ngabe bafunda ngaluphi ulimi.
Uthe kubalulekile ukuthi kugxilwe kule nkinga yokungakwazi ukufunda kwezingane zisemabangeni aphansi futhi kungabi inkinga othisha ababhekene nayo bodwa, kodwa nabazali badlale indima yabo ngokuthi bafunde nezingane ngisho noma ngabe kufundwa ibhayibheli.
“Izikole zasemalokishiNI zashayeka kakhulu ngesikhathi sobhubhane i-Covid 19 ngoba zazingenazo izinsiza ezifanele ukufundisa abafundi ngezobuchwepheshe.
“Yingakho zidinga usizo ukuthi kuphinde kube nemali efakwayo ukuzilekelela ekubeni nezinsiza. Yingakho kulo mcimbi ngimeme abasuka nasezinkampanini zemali nothisha ukuze kube nokuxhumana,” kusho uDkt Mlambo-Ngcuka.
Kulo mcimbi bekukhona izikhulumi ezisuka ezinhlanganweni ezahlukene okubalwa kuzo uNksz Noncedo Madubedube, uSolwazi uVuyo Nomlomo wase-Unizulu, Nkk Doris Sibiya, umlingisi ophinde alwele ukugqugquzelwa kwamasiko uMabutho Sithole noMnuz Luyanda Machaba.
UNkk Doris Sibiya uphakamise ukuthi ukuze kuliwe nalenkinga yokufunda kumele kwande amahora esikole kube nesikhathi esinezelwe sokufunda.
Omunye wabebehambele lo mcimbi uNkk Sithabile kaMazibuko Mncwango ongumqondisi kumkhandlu olawula othisha kuleli, iSouth African Council For Educators (SACE), uthe ukuze othisha bakwazi ukufundisa ukufunda kumele nabo babe abantu abafundayo.
“Kumele ukuthande ukufunda ukuze ukwazi ukufundisa ukufunda. Isikhathi ositholayo usichithe ufunda noma ngabe yiphephabhuku,” kusho uNkk Mncwango.