BACELE ukwakhelwa izindlu zomxhaso abantu baseNtuzuma, eThekwini, abadilikelwe izindlu zabo zodaka ngenxa yemvula ebihambisana nomoya osiphule izihlahla, yanqamula nezintambo zikagesi ngoLwesithathu ebusuku.
Kucekeleke phansi imizi ebalelwa ku-60 kule ndawo eku-ward 45 iningi layo engeyodaka, eminye eyakhiwe ngezinkethe.
Iningi lalaba bantu lidele umbani, umoya nemvula ligade izimpahla zalo ubusuku bonke ukuthi zingantshontshwa amaphara.
Kusiphuke izihlahla, kwanqamuka nezigxobo zikagesi, izintambo zilenga ugesi ungabonwa usuku lonke izolo. Bekukhala isando nothayela abantu bezama ukuvusa izindlu zabo, abanye beqube komakhelwane.
UMnuz Nkosinathi Shange, odilikelwe umuzi wakhe wodaka ongamagumbi amane, uthe ubehleli yedwa ngenkathi ezwa kubhakuza ngamandla uphahla lwendlu.
UShange uthe akuphelanga sikhathi lwaphephuka uphahla, wavele waqoqa omazisi, izitifiketi nokunye okubalulekile wayokubeka kwamakhelwane kanti izosala iwa indlu.
Umakhelwane wakhe ona-56, owelwe indlu ephakathi futhi ongathandanga kushicilelwe igama lakhe ephepheni, uthe akazi usinde kanjani.
“Ngicela ukwakhelwa indlu ngumasipala ngoba ngineminyaka engaphezu kuka-30 ngihlala la. Angiqali ukudilikelwa, ngabhalisela indlu eyaphuma yanikwa omunye umuntu,” kusho lo wesilisa.
Uthe inkosikazi yakhe nabantwana abahlanu bebengekho bevakashe emakhaya ewelwa indlu. Uthe kuze kwasa egade izimpahla zakhe nezimbuzi ukuthi zingebiwa amaphara.
UNksz Thembisile Mlaba uthe indlu yakhe yodaka engamagumbi amane ipheshukelwe uphahla esebaleka nabantwana bakhe.
Uthe indlu yakhe iklayeke izindonga futhi ayinalo uphahla, wacela umkhandlu ukuthi umakhele umxhaso kunokuthi umuphe ukhethe azolufaka endlini engawela kuyena noma kunini.
UNksz Thanda Nxumalo ukhale ngokuthi izindonga zendlu yakhe epheshukelwe uthayela ziklayekile futhi zingawa noma kunini, wacela ukwakhelwa indlu yomxhaso. Ubesathukile echaza ngokumehlele.
USomlomo kaMasipala weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, nethimba elibhekelele izinhlekelele, bahambele imindeni ekhahlamezekile izolo.
Uzibophezele ukuthi umkhandlu uzofaka isandla utholele uphahla lwezindlu imindeni epheshukelwe. Ukhale ngomonakalo odalekile athe wenzeke kakhulu ku-ward 38, 45 naku-107.