UMPHAKATHI waseMasokeni KwaNongoma ubulale ibhubesi okukholakala ukuthi sekunenyanga licanasa namanye endaweni.
UMnuz Ronny Mbhele (56), uthe baqoke ukuzibambela amabhubesi eqe esiqiwini iMfolozi Game Reserve ngoba bengahlalisekile kahle. Uthe aseyiqedile imfuyo.
Uthe ngoMgqibelo ekuseni, ilungu lomphakathi lifice inkomo idliwe, labona kungcono licuphe umgoga. Kuthiwa libuyile ibhubesi labambeka kunoxhaka base belibulala.
UMbhele uthe sebebekezele isikhathi eside benethemba lokuthi kukhona okuzokwenziwa abezeMvelo.
Uthe kubuhlungu ngoba imfuyo yakhe seyiphelile ngenxa yamabhubesi namankentshane aphuma esiqiwini.
“Ngiziphilisa ngayo imfuyo nezingane ngizifundisa ngayo. Kubi ngoba noma sikhala akukho okwenziwayo ukusisiza. Sesiside isikhathi sihleli namabhubesi. Nezingane ziyawabona uma ziyokha amanzi,” kusho uMbhele. Uthe bafisa uhulumeni ungenelele kule nkinga ababhekene nayo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Nhlanhla Mthembu, lithe sebekhathele ukubukela amabhubesi ebhuqabhuqa imfuyo kungenziwa lutho.
“Uma kuqhubeka kanjena akekho umuntu ozogcina enemfuyo kule ndawo. Asisho ukuthi asifuni ukugcina imvelo kodwa ngeke sibuke amabhubesi eqeda imfuyo yethu ngakho sizoqhubeka siwabulale,” kusho uMthembu.
Uthe amalungu omphakathi awaphephile. Uthe ibhubesi baliyise eSilweni samaBandla uGoodwill Zwelithini beyobika ukuthi bahlukunyezwa amabhubesi.
Okhulumela iKZN Ezemvelo Wildlife, uMnuz Musa Mntambo uthe bebexhumana nomphakathi ngesikhathi besathungatha amabhubesi.
Uthe emasontweni amabili adlule bake bazama ukuhlangana nomphakathi kodwa wona wahlehlisa umhlangano.
Uthe kunenombolo yocingo umphakathi ongayishayela uma ubona izilwane zasendle. Inombolo ithi: +27 79 612 3720. UMntambo uthe ukulungiswa kothango lwasesiqiwini kuzoqala namuhla.