UBUHLAKANI namava kaMgqugquzeli kaZwelonke weqembu Umkhonto weSizwe, uMnuz Floyd Shivambu, azokwazi ukumsiza ekuphembeni amagatsha kuleli qembu, akhe imigomo aphinde abumbe izinhlaka ezifana nophiko lwentsha nolwabesifazane.
Lokhu kushiwo abahlaziyi bezepolitiki abathe mkhulu umthwalo obekwe emahlombe kaShivambu kanti abangabazi ukuthi lo msebenzi uzowenza ngempumelelo.
Bakusho lokhu nje, kulandela ukutuswa kwesenzo somholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma, sokujuba uShivambu kulesi sikhundla njengoba leli qembu lisabumba amagatsha kanjalo nemigomo.
UZuma umncomile uShivambu osule kwi-EFF njengephini likamengameli, ngobuhlakani bakhe wathi wambona esasophikweni lwentsha lwe-ANCYL ukuthi akayimpumputhi ipolitiki.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Zakhele Ndlovu waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uhambe emagameni abancoma isinyathelo se-MK sokujuba uShivambu kulesi sikhundla.
Uthe uzokwazi ukubumba amagatsha, akhe imigomo, abhekele labo abajutshwe kumakhokhasi ePhalamende naseziShayamthetho, aphinde enze nokunye.
“Unamava nobuhlakani njengoba nakwi-EFF nguyena muntu obethathwa njengomunye onobuhlakani. Angingabazi ukuthi lo msebenzi anikwe wona uzowenza ngempumelelo.”
UNdlovu uthe kodwa akaboni ezokwazi ukubumba izinhlaka ezixovayo ngaphakathi ngoba nguZuma ongenza lokho.
“Asazi futhi noma uzokwazi yini ukukhulisa iqembu ezifundazweni elingatholanga khona amavoti amaningi. Kunabakholelwa ukuthi i-MK ivotelwe abantu abakhuluma isiZulu, ngakho angazi noma uzokwazi yini ukulikhulisa ezifundazweni ezifana neNorth West, Limpopo nase-Western Cape,” kusho uNdlovu.
Omunye umhlaziyi ofundisa enyuvesi yakuleli i-Unisa uNkk Sanet Madonsela, uncome umnyakazo we-MK ukujubela uShivambu kulesi sikhundla.
Uthe bekulokhu kukhulunywa ngokungahleleki kwezinto kwi-MK njengoba namagatsha ebengekho.
“Uzokwazi ukukhanda amagatsha anike ne-MK umkhombandlela. Ngakho umnyakazo omuhle ngoba uzogxila nasezintweni ezithinta ucwaningo kuleli qembu.”
Uthe abanye bebecabanga ukuthi ukuthatha lesi sikhundla kufana nokwehlelwa amandla njengoba kwi-EFF nguyena obelandela umholi wayo ngokuba sesikhundleni esiphezulu.
UNobhala Jikelele we-MK, uDkt Sifiso Maseko, uveze ukuthi umsebenzi kamgqugquzeli kazwelonke wukuhlela, athuthukise izinhlaka zeqembu, akhe imiqulu nemigomo, acije ngezepolitiki, enze ucwaningo, aqaphe ukusebenza kwemigomo.
Okunye ngukuqapha ukusebenza kwalabo abakumakhokhasi ahlukene aphinde abe sethimbeni leKhomishini yezoKhetho.
UShivambu uthe noma noma bangamsusa kulesi sikhundla kodwa uzoqhubeka nokuba yilungu.
“Uma ngisuswa ekubeni yilungu leqembu, ngizoqhubeka nokuba ivolontiya. Ngizofaka izingqwembe noma kuthiwa ubuholi buyangichitha. Angizele izikhundla kwi-MK kodwa ukuzosebenzela abantu.”