ISILO esisha uMisuzulu kaZwelithini, sizakhele ugazi ezinkundleni zokuxhumana njengoba abesifazane bencoma ukuthi uyigeza lensizwa.
Isilo esimenyezelwe ngoLwesihlanu ngemuva kokufundwa kwencwadi yefa likanina iNdlovukazi Mantfombi MaDlamini Zulu, ephakamise yena njengozohlala esihlalweni selokhu kukhotheme uyise iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Izintokazi zikhombisa ukumthakasela ezinkundleni zokuxhumana, ezinye zimbiza ngoKing Bae, noeSilo esihle. Abanye bafake isithombe sakhe eduze kwezabo, bebuza ukuthi bayafanelana yini.
Abanye bebezuza ukuthi ngabe iNdlovukazi uzoyikhetha eMkhosini woMhlanga ngoba bazimisele ukufika ngobuningi ukuze bazibeke ethubeni lokubonwa yiSilo esisha.
KuFacebook ozibiza ngoFanelesibonge Mbule Sncengimpilo ubhale kanje:“ Ngiyazisola ngokungaziphathi kahle ngoba uMisuzulu muhle umuntu.”
KuFacebook uBeAr'Lelíhle Sphíntlantla Ñtoolí uthe: “Muhle uMisuZulu futhi akashadile. Ngikhona.”
Ku-Twitter uMrs S@SitholeNaomi, uthe: “UMntwana uMisuzulu muhle bakithi. Ngisho nomama wami ulokhu emncome njalo ngobuhle bakhe. Uthe muhle ngisho efake isifonyo.”
Kwi-Twitter uNtando@the_indoni, uthe: “Ngabe uMntwana wenkosi uMisuzulu ushadelwe yini? Ngibuzela abangani bami.
Ku-Twitter uNM A@NomaNotNormal uthe: “ We Misuzulu, ngiwuNoma, ngiyintombi nto. Ngabe ngingakukhipha siyodla isidlo sasemini?
Abanye baze bafaka nezithombe zabo, begqoke imvulo bethi bakulungele ukuba nguNdlunkulu. Abaningi bafanise ukubukeka kwakhe njengomkhulu wakhe iSilo uDinuzulu kaCetshwayo. NgoMgqibelo esefake ishethi elifana nelikayise ayejwayele ukuwagqoka uZwelithini kaBhekuzulu, bathe uvele wafana kakhulu neSilo esikhotheme.