BATHWELE kanzima abangcwabi ngenxa yezinombolo eziphezulu zababulawa yiCovid-19 okudingeka bangcwatshwe.
Abangcwabi bathi kuyenzeka kudingeke bangcwabe izidumbu eziphakathi kuka-400 kuya ku-600 ngesonto kanti namabhokisi ayashoda, abasebenzi babo bayagula, amakhasimende abo awafuni nokuyizwa eyokuthi kumele alinde ngoba ezindaweni okuthengwa kuzo izinto zokungcwaba kugcwele.
UMnuz Muzi Hlengwa usihlalo weNational Funeral Practitioners Association of South Africa (Nafupa), uthe umkhakha wokungcwaba unengcindezi enkulu njengoba izwe libhekene nesivuvu sesibili seCovid-19.
"KwaZulu-Natal nase-Eeastern Cape amabhokisi ayashoda, ukushoda kwawo kwenza ukuthi ibhokisi obungalithola ngoR5 000 ligcine selibiza uR10 000, kukuwena ukuthi uyalithatha noma uyaliyeka. Wena mngcwabi awusazuzi lutho ngoba ikhasimende elinomasingcwabisane belikhokha imali ehlelelwe ukuthi ibhekane nezindlelo zebhokisi likaR5 000. Asisayenzi inzuzo kuleli bhizinisi kunalokho siyalahlekelwa. Sesize sicabanga ukuthi okungenani kumele amakhasimende akhokhe imali eyengeziwe uma kwenzeka ibhokisi litholakala ngemali ephezulu. Nakho lokho ngeke kusisize ngoba abantu abanayo imali, abanye balahlekelwe imisebenzi abanye vele behlise amakhava abo ngoba bengasenayo imali, abanye abasasebenzi," kuchaza uHlengwa.
UNksz Nomfundo Mcoyi usihlalo weSouth African Funeral Directors Practioners Association (Safpa), onguminkazi wenkampani yokungcwaba iCebolethu, uthe umthwalo ababhekene nawo bengabangcwabi usungaphezu kwamandla kangangoba nabo sebenokhwantalala ngenxa yokuthi abasaphumuli, bangcwaba zonke izinsuku.
"Ezibhedlela lapho silanda khona izidumbu kugcwele, emahhovisi oMnyango wezaseKhaya kugcwele kwesinye isikhathi sifika kuvaliwe, kuthiwa kunomsebenzi okutholakale ukuthi uneCovid-19 kodwa awukwazi ukungcwaba ngaphandle kwe-burial order. Emahovisi lapho kuthengwa khona imigodi kugcwele, izimbali, amabhokisi kuyashoda, lapho kwenziwa khona izinhlelo zomngcwabo nakhona kugcwele," kusho yena.
Okunye athe kufaka ingcindezi enkulu ukuthi kwabona abasebenzi babo uthi kuyenzeka bashode ngoba abanye bathola leli gciwane kudingeke ukuthi bangezi emsebenzini.
"ECebolethu kumanje kunezidumbu ezingu-500 okumele zingcwatshwe kuleli sonto, ngeledlule bezingu-600. EThekwini kuyenzeka kudingeke ukuthi kulandwe ezingu-9 esibhedlela esisodwa ngesikhathi. Izidumbu azihanjiswa ngemoto eyodwa ngoba imindeni iphethe amahlahla, izindleko zokuhamba kwezimoto eziningi kangaka ziya esibhedlela esisodwa nazo ziyinkinga nawo amakhaza ethu agcwele. Kuyimanje emahhovisi ethu kunolayini omude sengathi owokuhola impesheni, ulayini wabantu abafuna ukuzohlela imingcwabo yezihlobo ezishonile, bonke abantu bafuna ukungena ngaphakathi. Akekho ofuna ukwamukela ukuthi sizoqala ngabazongcwaba kuleli sonto abelizayo babuyele emakhaya, akekho ofuna ukuthi izimbali ingafiki ngoba ziyashoda. Siyafisa ukuthi ngabe amakhasimende ayaqonda ukuthi sisenkingeni, asikaze sibhekane nomthwalo ongaka," kusho yena.
UHlengwa weNafupa uthe ngakolunye uhlangoti uhulumeni uwuhlabe inhlali ngesicelo sabo sokuthi abasize ngezinsiza zokuzivikela kwiCovid-19 okumele zinikezwe imindeni uma ingena ekhazeni.